UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, ubambisane ne- Provincial House of Traditional Leaders kanye ne-Khoi-San Leader, uthi ume ngomumo ekulwisaneni nesihlava sokubulawa kwaMakhosi, KwaZulu-Natal. UNgqongqoshe uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthi basashaqekille futhi basethukile bewumnyango kanye nobuholi bendabuko, ngokudutshulwa kubulawe Inkosi yeSizwe samaNtungwa Sphamandla Khumalo kanye noNdlunkulu uMadlamini. Uqhube wathi, esitatimendeni, sizoba , nomhlangano ophuthumayo namuhla ngenhloso noma lapho sizogqamuka khona namasu kanye namaqhinga okwilwisana nesihlava sokubulawa kwaMakhosi neZinduna. Uthe bafisa ukuqhamuka nesisombululo sokuvikela kokubulawa kwaMakhosi kanye neZinduna. “ Kuleminyaka endlule, ukubulawa kwaMakhosi neZinduna, bekuyinsakavukela. Lokhu kulandelwa isigameko sakamuva nje sokubulawa kweNkosi yamaNtungwa u-Sphamnadla kanye noNdlunkulu uMadlamini, ngokudutshulwa. “ UMnyango osubalulwe ngenhla, usunxuse neminye iminyango kahulumeni, ukuba bahlangane kanye namakhosi ukuze baqhamuke namasu kanye nezisombululo, ezinganqanda ukubhebhetheka noma isihlava sokubulawa kwanbaholi bendabuko. UNgqongqoshe , uNkk Sithole-Moloi, ube esebiza umhlangano ophuthumayo lapho ezobe echazela abezindaba ngamapulani kanye namasu ,okuphuma nesisombululo ekunqandeni, isihlava sokubulawa kwaMakhosi kanye neZinduna, KwaZulu-Natal. UNgqongqoshe uzobe enesithangami nabezindaba,namuhla,10 November 2023,e-Voortrekker Museum, Pietermaritzburg(Opposite Natalia Building), ngo-12, emini.