NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Isithombe. SITHUNYELWE
AMATHIMBA ezezinhlekelele aseme ngomumo , emva kokuba sekuqagulwe imimoya enamandla ezinxenyeni zesiFundazwe saKwaZulu-Natal, ngoLwesithathu (namuhla).
Kubikwa ukuthi izangoma zezulu seziqagule ukuthi kuzobakhona imimoya enamndla ezohlasela ezinxenyeni ezithize zesiFundazwe saKwaZulu-Natal, ezobe ishubisa umkhantsha.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uSenzelwe Mzila sithi:”Abezangoma zezulu sebeqagule imimoya enamandla ezobe ishubisa umkhantsha, futhi kuqagulwe ukuthi izobe isesigabeni sesibili (Level 2), elindeleke ukuba ihlasele kulabo kuleziFunda ezilandelayo i-Harry Gwala, uMgungundlovu, uThukela, Amajuba, uMzinyathi kanye nase Zululand.
UMnuz Mzila uthe esiatimendeni, le mimoya kuqagulwe ukuthi izophazamisa ukuhamba kwezimoto nezinye izithuthi njengoba kungenzeka kuwe izihlahla ziphazamise ukuhamba, kuphazamiseke ukuhamba kwezikebhe ezincane (vessels), olwandlwe kuphinde kucekeleke phansi imigwaqo esogwini.
Uthe esitatimendeni, izindawo ezisondelene nolwandle nazo zizokhahlamezeka kuphinde kucekeleke phansi izigxobo zikagesi.
UMfu Thulasizwe Buthelezi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uthe esitatimendeni, izakhamizi aziqinisekise ukuthi ziyaphepha ikakhulukazi abashayeli bezimoto banxuswa ukuba bashayele ngokucophelela kulesi simo esiqaguliwe.
Uqhube wathi esitatimendeni, nginxusa izakhamizi ukuba zizilalele lezi zexwayiso ezikhishwa izangoma zezulu ukuze ziphephe.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, abezimo eziphuthumayo bame ngomumo ekubhekaneni nalesi simo.