UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi uxwayise izakhamuzi ngowesifazane onguLondiwe Ngcamu, ohambe eqola umphakathi ethi unohlelo lokuvikela Amakhosi. Uthe bangamlaleli iqola lelo elihambe liqola bonke abantu bengazelele, ngoba alukho uhlelo aluqhubayo lokuqapha Amakhosi. “ Kunemisindo ayifaka ezinkundleni zokuxhumana lapho azibiza khona ngeNdlovukazi , eqhamuka ngaphansi kwamasosha obandlululo (military veterans), lapho ewanxenxa khona ukuba alethe imininingwane yabo (CV), ukuze baqasheke ngaphansi kohlelo lokuqapha Amakhosi. Ayikho leyonto iqola leli. Uqhube wathi bengumnyango kanye neRoyal Household (Indlunkulu kaZulu), bayazihqelelanisa nalokhu ngoba abanalo uhlelo olufana nalolu. “ Zakhamuzi niyaxwayiswa ningalaleli ukudukiswa Ilona wesifazane ngoba thina asinalo uhlelo olufana nalolu ubugebengu nobuqola lobu,” esho. Uqhube wathi thina njengomnyango lolu daba sesilundlulisele emaphoyiseni ukuba aliphenye, siboshwe lesigilamkhuba esifuna ukuqola abantu ngaphansi kwegama lamakhosi. Uphethe ngokuthi uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli usebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekuzeni nezinhlelo zokuvikelwa kwaMakhosi, hhayi lamaqola azama ukulutha abantu ngenhloso yokubaqola izimali zabo, ukuzakhela inzuzo kanti uthe ingalo yomthetho ayithathe izinyathelo ezinqala.