KULINDELEKE imimoya nezimvula ezinamandla ezinxenyeni ezithize esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Kubikwa ukuthi abezangoma zezulu (South African Weather Services ), phecelezi SAWS, sebeqagule ukuthi kulindeleke imimoya kanye nezimvula ezinamandla ezizobe zikusigaba sesine (level 4), kanti futhi kuqagulwe nokukhithika kona okuzobe kukusigaba sesibili (level 2).
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnuz Senzelwe Mzila sithi,” Kulindeleke imimoya nezimvula ezinamandla ezingxenyeni ezithize zesiFundazwe saKwaZulu-Natal namuhla.”
Uthe esitatimendeni omasipala abazokhahlanyezwa zimvula ezinamandla kanye nemimoya enamandla uThukela, Harry Gwala, Ugu, iLembe, uMkhanyakude, Zululand, uMzinyathi kanye noMasipala i-Theku.
Uphinde wakuveza ukuthi kulindeleke ukuba likhithike kulaboMasipala abalandelayo ngoLwesibili okuzoba seDrakensberg Mountains, Underberg, Kokstad, Impendle, Inkosi Langalibalele, Mpofana, Okhahlamba, uMuziwabantu kanye naseMzimkhulu.
“Kulindeleke imoya enamandla kusasa ezocekela phansi impahla nenqalasizinda ekusigaba sesine kulaboMasipala abalandelayo, Abaqulusi, Alfred Duma, Big Five Hlabisa, Dannhauser, eMadlangeni, eNdumeni, Inkosi Langalibalele, Jozini, Mandeni, Maphumulo, eThekwini, KwaDukuza, Mfolozi, Ray Nkonyeni, Msinga, Mthonjaneni, Mtubatuba, uMdoni, uMlalazi, Newcastle, Nkandla kanye nakwaNongoma,” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, le mimoya enamandla izobe ihamba ngejubane elingu-80km/h, ngehora okuzocekela phansi inqalasizinda kanye nemvelo.
Uphinde wakuveza esitatimendeni , ukuthi kulaboMasipala kulindeleke izimvula ezinamandla ezizobe zikusigaba sesine (level 4),eKokstad, Ray Nkonyeni, uBuhlebezwe, uMdoni, uMuziwabantu, uMzimkhulu kanye naseMzumbe.
“Isimo sokuguquguguka kwesimo sezulu sizoba nobungozi kwizakhamizi,” kulanda yena esitatimendeni, eqhuba ethi , kuzolimala inqalasizinda kanye nemfuyo uma kuhlasela lezi zimvula kanye nemimoya enamandla.
UNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi uziqinisekisile izakhamizi esitatimendeni , ukuthi zikhona izinhlelo abanazo zokubhekana naso isimo sezulu kanti futhi namathimba ezezinhlekelele asemi ngomumo ukubhekana nale simo.
Uthe esitatimendeni, umnyango wakhe uyasebenzisana nenkampani eyisiphehli sikagesi u-Eskom kanye noMasipala ukuze kuqikelelwe ukuthi ezobuchepheshe ziyalungiswa ngokushesha.
Uphethe ngokuthi nemigwaqo emikhulu futhi engothelawayeka efana no N3 izobe iqashwe ngolokhozi kanti futhi uphinde wanxusa abantu ukuba bahlale bembethe izingubo ezifudumele, baphinde baphathe nezingubo zokulala uma bethatha uhambo olude.