UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthe kulindeleke izimvula ezinamandla ezikusigaba 4 esifundazwei i-KwaZulu-Natal, namuhla kusihlwa kuze kube kusasa ngoMsombuluko 3 June 2024. Kuvelile ukuthi lezimvula zizokhahlameza abantu kakhulu futhi zoba imbelesela. Uthe lezimvula eziyimbelesela kulindeleke ukuba zikhahlameze izindawo zasOgwini namuhla ngeSonto Ntambama kuze kube kusasa, kanti futhi zobe zihambisana nezikhukhula , zikhahlameze inqalasizinda , imizi ikakhulukazi lena eyakhiwe ngodaka. “ Kulindeleke ukuba lezimvula zibe ngamamilimitha awu-40 (40mm), elindeleke Ogwini,” esho. Uqhube wathi izindawo noma omasipala abazokhahlamezeka kakhulu uma kuhlasela lezimvula i-Ray Nkonyeni, Umdoni, Umziwabantu kanye no-Umzumbe. Uthe ngokombiko weSouth African Weather Services , phecelezi izangoma zezulu lizona kakhulu kulezindawo esezibalulwe ngenhla. Kuphinde kwavela ukuthi abezezinhlekelele sebemi ngomumo ukubhekana nalesimo esilindelekile kanti futhi unxuse izakhamuzi ukuthi zibe ziqala zibheka izindawo eziphephile zomphakathi ezifana namaholo ukuze baphephe. Uqhube wathi abantu abantu mabebona ukuthi kunobungozi ngenxa yesimo sezulu basheshe baphume bayobheka izindawo eziphephile. Uphethe ngokunxusa ukuba abashayeli bezimoto baqinisekise ukuthi abahambi ezindaweni ezinamabhuloho aphansi futhi ezibonakala zinobungazi futhi bagweme ukuhamba ngezimoto uma kungenasidingo.
Kusale dengwane abangu-200 kusha imijondolo eDakota, eSiphingo
ISALE injena imijondolo eDakota.Izithombe. ZITHUNYELWE KUSALE dengwane izakhamizi ezingu-200 kusha imijondolo e-Dakota, eSiphingo, eThekwini, kuWadi-90. I-KwaZulu-Natal Provincial Disaster Management Centre...