UMQONDISI oMkhulu ( Chief Director), eMnyangweni weZabasebenzi , u-Advocate Fikiswa Bede, uthe kulindeleke ukuthi umqashi ,nomqashwa, bakuginisekise ukuthi ezempilo kanye nezokuphepha zikhona ,futhi ziyasebenza kahle ezindaweni zokusebenza. Uthe kumele lokhu bakubeke eqhulwini ukuthi bathatha zonke izinyathelo ezingavimbela ukusebenza ngoku ngamukelekile, kanti nokuthi ezemvelo ziyalandelwa. UMqondisi ubekhuluma mhlaka 9, November 2023, ngenkathi bekune nkomfa yezinsuku ezintathu,ye-Occupational Health and Safety (OHS), obuse-Coastlands Hotel, Musgrave, eDurban,obunesiqubulo esithi” Collaboration and Strategic Approach to enhance decent in an evolving World of Work,” obekuhloswe ngawo ukuthi abasebenzi basebenza imisebenzi engcono ,ehlanzekile futhi ephephile, ngoba kuke kwabaluleka ukuthi abantu bayashona ezindaweni zokusebenza ngenxa yezingozi, kanye nokugula abakuthola emisebenzini. “IsiGaba 8 se-OHS, sikubeka kucace ukuthi umqashi kumele akuqinisekise ukuthi abasebenzi baphephile ezindaweni zokusebenza, ngaso sonke isikhathi,” esho. Uqhube wathi inhloso yale nkomfa bekungukuqhubekela phambili nokuqinisekisa, kanye nokugqugquzela, ukuthi izindawo zokusebenza ziphephile futhi zinempilo. Uphinde wakuveza ukuthi enye inhloso nqangi yalokhu bekuwukuhlangana, kanye nazo zonke izinhlaka ukuze kuphunywe nezixazululo zokuvimbela ukulimala kwabantu kanye nokugula kwabo besemisebenzini ,kanye nokuqhakambisa ezempilo, nezokuphepha ezindaweni zokusebenzela, nakulabo abazisebenzayo. Esephetha u-Inspector General, u-Aggy Molioa, uthe abasebenzi kumele kube yibona abaziqaphelelayo , futhi kube yibo abazivikelayo. Uthe yini enisebenzayo futhi ngeke kuhlale kune-Inspector, njalo endaweni yomsebenzi, nakwezinye izindawo zokusebenza, kodwa endaweni yokusebenza kuhlale kunomsebenzi. “ Yingakho kumele niqinisekise ukuthi niyazinakelela futhi niyazivikela, “esho, eqhuba ethi, zilungiseleleni uma niya emsebenzini, zivikele ,bese uyalungisa konke okungamaphutha,: ephetha. Le nkomfa ibihanjelwe nguSekela Ngqongqoshe we-Employment and Labour, uNksz Boitumelo Moloi, International Labour Organisation, izihambeli ze-African Union, abe-development agencies, izikhulu zakwa-Labour kanye nonobhala we-Cosatu. Abanye abebeyinxenye yale nkomfa bekungama-senior officials, inspectors, representatives of businesses, guest from informal economy sector, experts, academics kanye nama OHS practitioners.