NGABEHAMBELE umhlangano.Isithombe.SITHUNYELWE
BEZIPHEZULU izincomo ebezivela emakhosini nasezimeyeni zomasipala abezihambele umhlangano obuhlelwe nguMnyango wezokuBusa Ngokubambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), ngaphansi bokuholi bukaNgqongqoshe uMfu. Thulasizwe Buthelezi.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Kulo mhlangano uNgqongqoshe uButhelezi wethule uhlelo olusha abazobamba ngalo imihlangano yalolu hlobo njengoba ngaphambilini ebehlangana nobuholi bomasipala abangu-54 esifundazweni saKwaZulu-Natal, kodwa manje sekuhlukaniswe ngezigceme (Clusters).”
“UMhlangano wanamhlanje bekungowesigceme i-Coastal Cluster eholwa nguNkk Princess Mtshali,” esho, eqhuba ethi, ngaphansi kwalesi sigceme kunoMasipala weTheku, uMasipala wesiFunda iLembe noMasipala abangaphansi kwalo kanye noMsipala Ugu nomasipala abangaphansi kwalo.
Uthe esitatimendeni ,ngokusho kukaNgqongqoshe uButhelezi ukuhlukanisa ukuhlangana nobuholi bomasipala ngalolu hlobo kuzokwenza kukwazeke ukuthi kudingidwe kahle izinkinga ezihaqe omasipala abakuleso sigceme, kuphinde kuqhanyukwe nezisombululo kulezo zingqinamba.
“Emhlanganweni obewubanjelwe eThekwini ngoMsombuluko Amakhosi angaphansi kwalabo masipala nawo abeyinxenye yawo kanti athulele uNgqongqoshe uButhelezi izigqoko ngendlela asebenza ngayo kanjalo nasekuqinisekiseni kwakhe ukuthi Amakhosi ayabandakanywa ezinhlelweni zomphakathi.
“Okuhlaluke kulo mhlangano kube yizingqinamba omasipala ababhekana nazo umnyango wabe usuqhamuka nezincomo ezingasetshenziswa ukuzama ukuthi omasipala babe sesimweni esikahle,” kuqhuba yena.
Kuphinde kwadingidwa nodaba lokusebenza kwezimali zesibonelelo nendlela okumele zisebenze ngayo.
“INkosi yakwaMadlala income kakhulu indlela eshintshile yokusebenza nabo njengaMakhosi ebenza bazibone bebalulekile.
“Siyakuncoma kakhulu ukuthi sibe yingxenye uma kudingidwa izindaba zentuthuko yabantu bethu.
Siyabonga kuwe Shenge ngokusibandakanya ngalolu hlobo, ”kusho iNkosi Madlala.
Amukela abebehambele lo mhlangano uNgqongqoshe uButhelezi uthe esitatimendeni umhlangano onjengalona inhloso yawo ukwazi ngesimo somasipala ngokuhlukana ukuthi basebenza kanjani nokuthi iyaya yini intuthuko kubantu ikakhulukazi abasezindaweni zamakhosi.
Uthe esitatimendeni , imibiko ezokwethulwa lapha ngeveza ukuthi omasipala bame kanjani, bayisebenzisa kanjani imali yesibonelelo nezinhlelo abanazo ukubhekana nezinhlekelele ezahlukene njengoba sazi ukuthi kumele umasipala nomasipala ube nemali oyibeke eceleni nozokwazi ukuyisebenzisa uma kwenzeka inhlekelele ethile.
“Ngemuva kokwethulwa kwemibiko kuphinde kwavezwa nezindlela ezahlukene uMnyango wakwaCogta ozisebenzisayo ukuzama ukungenelela ulekelele lapho kunezingqinamba khona.
UNgqongqoshe uButhelezi uphinde wakhala kakhulu ngokungasetshenziswa ngendlela kwemali yesibonelelo ekhishwa nguMnyango kaMngcinimafa kwesinye isikhathi ize iphindiselwe emuva ngabanye omasipala ngoba bengayisebenzisanga.
“Kunenqwaba yezigidi ngezigizi zamarandi ezibuyela emuva ngoba zingasebenzanga kodwa imiphakathi ibe iswele izidingo. Kunengqalasizinda eningi edingekayo njengemigwaqo, amanzi nezindlu zangasese kodwa kunomasipala ababuyisela emuva imali. Kayikho imali okumele ibuyele emuva njengoba kukuningi kangaka abantu bakithi abasasalele ngakho ngemuva,”kusho uNgqongqoshe Buthelezi esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , ngemuva kwezethulo izimeya zizwakalise ukubonga ngokwesekwa abakunikezwa nguMnyango wakwaCogta, zaphinde zaphakamisa ukuthi ziyacela imihlangano yalolu hlobo ingathathi isikhathi eside ingahlalanga.
“ IMeya kumasipala Ugu uMnuz Zero Mqadi uthe esitatimendeni, yonke imibiko eyethulwe nguMnyango ngalabomasipala bayayamukela futhi bayazijabulela nezincomo zomnyango.
Abakwa-Eskom bazwakalise ukweneliseka ngendlela abasebenza ngayo nomasipala abangaphansi kwalesi sigceme bathi noma zikhona izingqinamba ezikhona kodwa kuhle ukusebenzisana okukhona,” esho.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, umhlangano olandelayo kulindeleke ukuthi ube ngasekupheleni kwenyanga ezayo.