IZIBHAMU kanye nezidakamizwa okushaqwe kuboshwa abasolwa. AMAPHOYISA aseDundee asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekukhucululeni izibhamu ezingekho emthethweni okwenziwa ngazo ubugebengu obuhleliwe. Lolu hlelo lwawo amaphoyisa luthela izithelo ngoba belwisana nobugebengu obuhleliwe, ukuthathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, ukullwa nokushushumbiswa kwezidakamizwa nokusetshenziswa kwazo kanye nokuvala amashibhi angekho emthethweni. Ngolwesihlanu mhlaka 24 May 2024, amaphoyisa oPhiko lwe National Operation Deployment alandele umkhondo abawuthole emalangeni omphakathi obalume indlebe ngomsolwa oshushumbisa izidakamizwa esitaladini u-Smith ,eDundee, okuthe uma egasela khona afike abhadama umlisa ongokudabuka kwelinye izwe oneminyaka ewu-31, ephethe izidakamizwa. Kuvelile ukuthi amaphoyisa ashaqe amapulasitiki awu-50 abefakwe izidakamizwa, abe esembopha khona lapho endaweni yesigameko. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa oPhiko lo-Umzinyathi District Task Team ebenza izivimbamgwaqo emgwaqeniu-R74 ngaseGreytown High school, ngaphansi kwakhona eGreytown , ngenkathi ebopha umsolwa oneminyaka ewu-35, emva kokuba emthole nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, sohlobo lwe pistol handgun, abe esembopha. Kuphinde kwavela ukuthi kwesinye isigameko amaphoyisa oPhiko loMsinga Crime Prevention, amaphoyisa abenza izivimbamgqwaqo emgwaqeni u-R33 , ngenkathi esesha umsolwa oneminyaka ewu-32, abe esemthola nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu abe esembopha. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi umsolwa eboshwa utholakale nesibhamu sohlobo lwe-765 pistol handgun, wabe eseboshwa wayovalelwa ezitokisini zasesiteshini saseMsinga. Bobathathu labasolwa bazovela ezinkantolo ezahlukene eGreytown kanye naseMsinga maduzane bebhekene nawo lamacala ababoshelwe wo