Saturday, June 7, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Kundlule emhlabeni abaningi kuhlasela izimvula, kwacekelela phansi imizi

by Langelihle Chagwe
January 18, 2024
in Community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Kundlule emhlabeni abaningi kuhlasela izimvula, kwacekelela phansi imizi
Share on FacebookShare on Twitter

KUNDLULE emhlabeni abantu abaningi kawaphinde kwacekeleka phansi izindlu eziningi kanye nenqalasizinda okubalwa kuyo izgxobo zikagesi nemigwaqo! Kuvelile ukuthi oMasipala abakhahlazemeke kakhulu emvuleni enamandla ebihlasele ngoMgqibelo ebusuku, eThekwini Metro,  KwaDukuza kanye naseNdwedwe. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, Umnu Siboniso Mngadi esitatimendeni uqinisekisile ukuthi kundlule abantu abahlanu emhlabeni ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma kwezulu. Uthe abezimo eziphuthumayo kanye nabezinhlekelele bebethola izincingo kusukela ngehora lesishiyagalombili (8) kuya kweleshumi (10), ebusku , abantu befona bedinga usizo. Uqhube wathi kucekeleke phansi izindlu, amabhizinisi kanye nenqalasizinda ngenxa yezimvula ezinamandla ebizihambisana nesiphepho kanye nokudumo kwezulu. Uthe bayakuqinisekusa ukuthi abantu abahlanu bandlulile emhlabeni eThekwini Metro kanti abanye ababili basanyamalele. “ Kundlule emhlabeni ababili eFolweni emva kokuba bewelwe uphahla, omunye kuqinisekisiwe ukuthi ushonile esiGcemeni K eMlazi, emva kokuba kucekeleke phansi isakhiwo,” esho, eqhuba ethi kwesinye isgameko eTongaat , uthe kushone amalunga amabili omndeni emva kokuba umkhukhu abebehlezi kuwo ucekeleka phansi. Uqhube wathi ababili abantu abasanyamalele emva kokuba isakhiwo sabo esiwumkhukhu naso simuke nezikhukhula. Uthe abe Search and Rescue Teams beholwa abamaphoyisa eSAPS K9 Unit, IPSS Medical Rescue kanye neReaction Unit SA, bakhona endaweni yesigameko basathungatha laba abanyamalele. “ Lezi mvula ezinamandla zicekele phansi nenqalasizinda efana namanzi nogesi okwenze lokhu ukuthi abantu bantule  amanzi nogesi eThekwini kanye naseTongaat, kanti futhi lomnyango usunikele ngomatilasi, izingubo kanye ne box-B, okuyizidingo zansuku zonke zomphakathi, usho kanje. Uthe oMasipala sebekhiphe amaloli ahambisa amazi kulezindawo okulimale kuzo inqalasizinda ngenxa yezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu. “ Imigwaqo kanye namabhuloho kucekeleke phansi kuhlasela elzimvula,”esho. Uthe njengamanje babhizi bayakhuculula ngenxa yokuthi kukhona nezihlahlahla eziwele emigwaqeni kuhlasela lezimvula ezinxenyeni zesifundazwe. Uthe ngokombiko wesikhashana kuvelile ukuthi imizi engu-250 icekeleke phansi kwathi abantu ababalelwa ku-1000  bakhahlamezeka eThekwini, kwaphinde kwaphoqeleka ukuthi kuvalwe kuvalwe namabhishi eNyakatho nanye naseNingizimu, kanti futhi komenyezelwa uma esezovulwa. Uqhube wathi ibhishi engavaliwe Umgababa kuphela. “ KwaDukuza ngaphansi kwesiFunda Ilembe kucekeleke phansi izindlu ezingu-70, kwakhahlamezeka abantu abangu-300, kanye nemigwaqo lokhu okuze kwaphoqeleka ukuthi abezomgwaqo bayivale ngoba ibingasaphephile ukuthi kungahanjwa kuyo,” usho kanje, eqhuba ethi eSouth Coast esifundeni Ugu kuphoqeleke ukuba imigwaqo ukuba ivalwe kuphinde izimoto sinxuswe ukuba zisebenzise eminye imizila, kanti nase Port Shepstone ziningi izindlu ezicekeleke phansi. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi wendlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe zihlobo zayo ngenhla yesimo sezulu. Ube esezwakalisa ukuzwelana nalaba abalahlekelwe yimpahla , kwacekeleka phansi nezindlu zabo kanye namabhizinisi. Ube esenxusa yonke iminyango kahulumeni ukuba isondle ukuze kuzosizwa bonke laba abakhahlazemekile, kulesikhathi esinzima ababhekene naso. Uqhube wathi bayasebenzisana naleminyango Social Development, Human Settlements, Education kanye no-Eskom. Uthe ithimba labo lizoxhumana nabo bonke ababe zisulu zezikhukhula ezishiye abantu abaningi besele dengwane. Uphethe ngokuthi amathimba ezinhlekelele kanye nawezimo eziphuthumayo azolibe ekhona ezindaweni ezivamise ukukhahlamezwa zikhukhula ukuze assize.

ADVERTISEMENT
Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

by Langelihle Chagwe
June 6, 2025
0
3

SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

by Langelihle Chagwe
May 20, 2025
0
3

NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele. Ngihamba nobaba uDokotela...

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

by Langelihle Chagwe
May 13, 2025
0
3

SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama. Kubikwa ukuthi lesigameko...

Recommended

Kuboshwe abasolwa abahlanu , kwashaqwa impahla yesiphehli gesi u-Eskom yenani elungu-R1.5million, eMpangeni

Kuboshwe abasolwa abahlanu , kwashaqwa impahla yesiphehli gesi u-Eskom yenani elungu-R1.5million, eMpangeni

2 months ago
3
Amalunga oMkhonto Wesizwe, amabandla nabanye bamashele ezindlini zoMbuso behambise uhla lwezikhalazo

Kuboshwe ababili kwelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu

1 year ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}