IZIBHAMU esishaqwe kubasolwa ngenkathi beboshwa.
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka ewu-32, emva kokuba betholakele nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi baboshwa nje emva kokuba isiFunda Umzinyathi, uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi bayazithatha izibhamu ezingekho emthethweni emalangeni omphakathi, kanti laba ababili baboshwe ezindaweni ezahlukene. Mhlaka 9 may 2024, amaphoyisa uMsinga Vispol kanye nabaphenyi , bebethungatha umsolwa owaziwayo obefunwa ngecala lokuzama ukubulala, ngenkathi belunywa indlebe bgamalunga omphakathi ukuthi ungakuphi. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa abe esenikela lapho kuthiwa ungakhona , athe uma egasela amfica umsolwa ephethe isibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe AK 47, wabe eseboshwa khona lapho. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana ukuvezile ukuthi kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-32, emva kokuba etholakale nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe AK 47. Uqhube wathi kumanje ugcinwe ezitokisini zasesiteshini saseMsinga, kanti uboshelwe icala lokuzama ukubulala. Uthe kwesinye isigameko esingavuzanga lesi kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-32, emva kokuba amaphoyisa oPhiko lwe Umzinyathi District Task Team , elunywe indlebe yokuthi kunomuntu ophethe isibhamu , epulazini lakwaKunene ,eWashbank, abe esegasela khona lapho ebeyalelwe khona ukuthi kunomsolwa ophethe isibhamu. Uthe umsolwa ube eseboshwa wabe esegcinwa ezitokisini zaseDundee. Uqhube wathi amaphoyisa aphinde aya eLatha Reserve, eMsinga, lapho efike ashaqa khona khona isibhamu sohlobo lwepistol, Kodwa umsolwa ubese shaye utshani ngenkathi amaphoyisa efika. Ukhomishana wesiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Francis Slambert , uncome amaphoyisa ngokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uthe ngeke bakubekezelele ukuhathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni ngoba Kubeka izimpilo zabantu encupheni ngoba babulawa ngazo kuphinde kubanjwe inkunzi ngazo. Uphethe ngokuthi abakezi ukuphumula uma kusekhona abantu abaphatha izibhamu ezingekho emthethweni.