BAFUNDI zikhulekeleni ngoba kusele izinsuku eziyisithupha ukuba nibhale izivivinyo zenu zokuphela konyaka! Niyanxuswa ukuthi kulempelasomto yomhlaka 28-29 April 2023, nifake imifaniswano ezinkonzweni niyokhuleka niphinde nicele ukukhulekelwa ngabafundisi bamabandla. UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, ebambisene noyiNhloko yomnyago uMnu G.N Ngcobo, bacele bonke abamabandla ahlukahlukene ukuthi bakhulekele abantwana abenza umatikuletsheni ngoba bezoqala ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka ukuze bezoba nekusasa eligqakazile. Okhulumela umnyango weZemfundo kwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, esitatimendeni uthe lesiFundazwe singesikhulu kakhulu kanti futhi sizoqala izivivinyo kulonyaka. Uthe sekuhanjwe ibanga elikhulu abantwana bakulesifundazwe becijelwa lezi zivivinyo bephinde bahanjiswe kumakhempu ngenhloso yokuthi baphase ngemalengiso. Uphethe ngokuthi amathishela asebenze ngokuzikhandla izinyanga eziyisithupha bedela isikhathi sabo ngenhloso yokwakha ikusasa labantwana besizwe ngoba imfundo ibalilekile futhi iyisikhiye sekusasa labo. UMnyango ubafisela impumelelo, ukuthi babhale ngaphandle kwezihibe , baphile.