INQALASIZINDA enikelelwe kwizakhamuzi zaseMshwathi.
KUPHUCULWE izimpilo zabantu eMshwathi! Lokhu kufakazelwa ukuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe-Sithole-Moloi, enikezele ngamaprojekti ahlukene ngaphansi kukaMasipala Umshwathi ngelendlule okubalwa kuko ukulungiswa kabusha kweWartburg Markert Stalls, Cool Air Skills Development Centre kanye nokwelula i-Hanover Thusong Centre. Kuvelile ukuthi ngenkathi ungqongqoshe Sithole-Moloi, eyothula lenqalasizinda emphakathini ubehambisana noMeya wase Umgungundlovu kanye neyase Umshwathi. Kuphinde kwavela ukuthi usuku luqale ngokuthi kunekezelwe ngenqalasizinda ebilungiswa. Uqhube wathi lokhu kukhombisa ngokusobala futhi kuhloswe ngakho ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abasebancane, ukuze bathole indawo engcono yokuqhuba amabhizinisi abo. “ Bajabule kakhulu osomabhizinisi abancane ngenkathi benikelelwa ngalezindawo zokusebenzela,” esho. Uqhube wathi ukunikezelwa nge-Cool Air Skills Centre , kuzosiza kakhulu ekuthuthukisweni kwamakhono entsheni engasebenzi. “ Lokhu kuhloswe ngakho kakhulu ekuthuthukisweni kwamakhono adingekayo kulesikhathi samanje, azobavulela izindlela zokuthola imisebenzi noma bazivulele amabhizinisi abo. “ Lendawo enikezelwe isivele ifakwe imishini yokuthunga kanti futhi kusazophinde lube khona nabantu abazoqeqeshelwa amakhono afana nalawa-carpenters, plumbers and bricklayers,” esho Uqhube wathi ukunwetshwa kweNew Hanover thusong Centre kona kuhloswe ngakho ekulethweni kwezindingo emphakathini, ngokuthi kusondezwe yonke iminyango kahulumeni ezosiza izakhamuzi zakulomasipala osubalulwe ngenhla, ukuze zithole zonke izidingo eduzane ngaphandle kokuba zigibele ziye emadolobheni. Lokhu bekwenzeka ezinkundleni zemidlalo lapho bezigcwele khona ziphuphuma. Ungqongqoshe uqhube wathi konke lokhu kuhloswe ngakho ukulwisana nobubha kanye nokudala amathuba omsebenzi. “ Sifuna ukuba umphakathi wethu usebenzisane ube yimifelandawonye, ukuze wenze amabhizinisi azoxosha ikati eziko. Lokhu esizokunikela namuhla okwenu kuphatheni njengezikhali zamaNtungwa, ningakucekeli phansi, “ kuphetha uNgqongqoshe Sithole-Moloi.