ISALE injena indlu yezaguga kuhlasela umlilo.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi ubonge uMnuz Derek Chirwa noMnuz David Phiri abaqophe umlando futhi baba ngamaqhawe emva kokuba behlenge izaguga ezimbili endlini yazo ebisha eMontclair,eThekwini ngoLwesitathu
Kubikwa ukuthi uMnuz Chirwa kanye noMnuz Phiri abazange besacabanga ukuthi benzenjani bebona kusha indlu yezithandani ezindala kodwa bavele bakhahlela umnyango wendlu bahlenga izimpilo zalezizaguga.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” uChirwa noPhiri bahlenge izimpilo zezaguga ngenkathi indlu yazo isha.
Uthe esitatimendeni, uPhiri no Chirwa bakhahlele umnyango bangena bahlenga izaguga ezimbili ezineminyaka engamashumi ayisikhombisa nesishiyagalolunye (79), endlini ibisha.
“ UNgqongqoshe uButhelezi ubashayele ihlombe uChirwa noPhiri ngenxa yokukhombisa ubuqhawe kanye nesibindi sokuhlenga lezi zaguga,” kusho uMzila esitatimendeni, eqhuba ethi uButhelezi bakhombise uBuntu laba ababili ngokuhlenga izimpilo zezaguga.
Uthe esitatimendeni, laba bakhombise isibindi , waphinde wathi abantu kumele bahlale beqaphile njengoba kwiyisizini yasebusika futhi abantu bazifudumeza ngezifudumezi ezahlukene.
Uphethe ngokuxwayisa izakhamizi ukuba zingalali nezimbawula ziphinde ziwacime namahitha uma sezilala ngoba kuyingozi ukukushiya kukhanya.