IMOTO ebihamba abasolwa abasale enkundleni.Isithombe.SITHUNYELWE
ITULO lokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali kuhlonyiwe aliphumelelanga, lokhu kwenze ukuthi kusale enkundleni abasolwa ababili kwaboshwa ababili ngenkathi kudutshulwana namaphoyisa,e-Sinyameni,e-Msinga.
Kubikwa ukuthi abasolwa abaneminyaka ehlambiselwa kwevile kwengamashumi amane bebehlele ukubamba inkunzi kuhlonyiwe imoto yemali, kwathi amaphoyisa oPhiko lezobunhloli alandela umkhondo , ngetulo lokuzama ukubamaba inkuzi kuhlonyiwe langaphumelela kubasolwa okuholele ekuitheni kudutshulwane Phakathi kwamaphoyisa nabasolwa kwase kusala enkundleni abasolwa ababili, kwaboshwa ababili.
UBrigadier Jay Naicker uthe esitatimendeni, kusale enkundleni abasolwa ababili kwaboshwa ababili emva kokuba itulo labo lokubamba inkunzi imoto yemali kuhlonyiwe lingaphumelelanga.
Uqhube wathi esitatimendeni, amaphoyisa alunywe indlebe ngemoto yohlobo lwe Mercedes-Benz ebinabagibeli abane ebihamba ingaqondakali ukuthi iyaphi nokuthi ifunani.
“Kuthe uma amaphoyisa esondela ngakuyo ngenhloso yokubuza ukuthi bafunani, abasolwa babe sebedubula bebhekise emaphoyiseni , kodwa amaphoyisa aphendule ngenganono kwasala abasolwa ababili enkundleni kwase kuboshwa ababili,” kusho uNaicker esitatimendeni, eqhuba ethi , kutholakale izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni abasolwa ababili ababoshiwe kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yaseMsinga maduzane.