UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, wendlulise amazwi enduduzo emindeni olahlekelwe zihlobo zawo engozini yebhasi enyantisa igazi. Kuvelile ukuthi lenzozi yehle kuR608 ngaseVryheid ngentambama yayizolo lapho abantu ababili abebegibele lebhasi bendlulile emhlabeni kwathi abafundi abawu-60 balimala kanzima base bephuthunyiswa esibhedlela saseVryheid. Uthe omunye wabafundi ulimale kanzima kakhulu yena wabe esephuthunyiswa esdibhedlela sasePietermaritzburg. : Singumnyango sithanda ukundlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe zihlobo zayo kulengozi enyantisa igazi,” esho. Uqhube wathi sithanda ukufisela labo abangeniswe esibhedlela ukuthi balulame ngokushesha ukuthi noNkulunkulu asbaphe amandla. Uphinde wafisela abafundi abalimele ukululama ngokushesha kulesikhathi esinzima. Kuvelile ukuthi uNgqongqoshe uMnu Sipho Hlomuka uzohambela endaweni yengozi kuR608 ngaseVryheid bese endlulela esibhedlela lapho kungeniswe khona bonke laba abalimele. Kuso isibhedlela saseVryheid