KUBUKEKA ngathi indawo yasOsizweni iyisizinda sezidakamizwa! Lokhu kufakazelwa ukuthi ayipheli inyanga amaphoyisa asOsizweni, eNewcastle, eNyakatho, neKwaZulu-Natal, engabophanga bantu abatholakala nezidakamizwa. Kamuva nje amaphoyisa oPhiko lwe-Multi-Disciplinary Operation, okufakwa kulo i-Osizweni Crime Prevention kanye nawo wonke amaphoyisa angaphansi kwesiFunda Amajuba , abehambele lendawo esibalulwe ngenhla ngenhloso yokuwlisana nokushushumbiswa kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa, ngenkathi agasela emzini thizeni osesiGcemeni sakwa-D, ngoba ebelandela umkhondo wezidakamizwa, afike azishaqa. Ngokombiko othunyelwe ngamaphoyisa , athi athe uma efika kulomuzi, asesha abe esethola amaphasela angu-12, ewhoonga kanye neHeroine obekugoqwe ngoplasitiki omnyama. Umbiko uqhube wathi kube sekuboshwa umsolwa oneminyaka engu-58, kanti lezidakamizwa ezitholakale kulomuzi zingabiza imali engu-R600.00, ngentengo yasesitaladini. Lomsolwa uboshwe ngesonto, mhlaka 10 December 2023, kanti usevelile eNkantolo kaMantshi waseMadadeni, uzophinde avele futhi maduzane ebhekene nalo icala lokutholakala nezidakamizwa. Lolu Phiko luphinde lwaqhubekela endaweni yaseMafahlawane , nalapho belilunywe indlebe khona ukuthi kunomuntu oshushumbisa izidakamizwa. Bathe embikweni wabo, bathe uma befika kulomuzi abebelayelwe wona bafike basesha bathola amaphasela angu-36, ewhoonga noma Heroine, abe esebopha umsolwa oneminyaka engu-32, kanti lezidakamizwa ezitholakale kulomsolwa zingabiza imali engu-R1000.00 ngentengo yasesitaladini. Kuphinde kwavela ukuthi kubo lobo busuku lamaphoyisa aphinde agasela komunye umuzi osesiGcemeni-A , khona Osizweni, lapho efike asesha athola amaphasela angu-17, ewhoonga, kwabe sekuboshwa umsolwa oneminyaka engu-27, kanti zonke lezidakamizwa ezitholwe kulomsolwa zingabiza imali engu-R1000.00, ngentengo yasemgwaqeni. Amaphoyisa athi azoqhubeka alwisane nokushushumbiswa kwezidakamizwa kulendawo aphinde ashabalalise zonke izidleke zezidakamizwa ezibulala isizwe. Laba basolwa bavelile eNkantolo kaMantshi waseMadadeni mhlaka 11 December 2023 , amacala abo abe esehlehliswa , bazophinde bavele kulenkantolo maduzane bebhekene nawo lamacala okushushumbisa izidakamizwa. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...