ISITHOMBE somkhuzi wamaphoyisa esisetshenziswa ezinkundleni zokuxhumana.Isithombe.SITHUNYELWE
KUXWAYISWA izakhamizi ngemigulukudu esebenzisa izithombe somkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLiuetenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ezinkundleni zokuxhumana ezifana no X (formerly Twiter), TikTok kanye ne Facebook, ngenhloso yokuqola abantu.
Kubikwa ukuthi izithombe zomkhuzi wamaphoyisa uMkhwanazi sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana bezenza yena, kodwa cha uthi akazisebenzisi izinkundla zokuxhumana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni akanawo ama akhawunti ezinkundleni zokuxhumana, kodwa kusetshenziswa izithombe zakhe uMkhwanazi ezingombombayi ezinkundleni zokuxhumana, ngenhloso yokuqola izakhamizi.
Uthe esitatimendeni, bazothathelwa izinyathelo ezinqala bonke laba abasebenzisa izithombe ezingombombayi ezinkundleni zokuxhumana sengathi zenziwa nguMkhwanazi.
Uqhube wathi esitatimendeni, usenxuse izakhamizi ukuba ziyeke ukuzenza yena ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokuqola abantu.
“ Ngicela izakhamizi ukuba ziyeke ukusebenzisa izithombe zami ikakhulukazi uma zimashela isinqumo esenziwa nguMengameli Ucyril Ramaphosa,” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, nakuba uMkhwanazi ehambisana nokusekwa kwakhe ngomsebenzi wakhe awenzayo ekuvikeleni izakhamizi ebugebengwini kodwa akakuncomi ukuba kusetshenziswe izithombe zakhe, ekulwisaneni nohulumeni kanye nasekuthumeleni umyalezo kuzisebenzi zikahulumeni nakwabanye.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, uMkhwanazi akazwani nezenzo zobugebengu kanye nezigebengu hhayi ukuthi akazwani nabantu abasebenza kuhulumeni.