UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usekhiphe isexwayiso esibhekiswe ezakhamizini zakulesi sifundazwe ngezimvula ezinamandla ezihambisa nokuduma kwezulu ezilindeleke ezingxenyeni zesifundazwe okubalwa iTheku, Ugu, uMgungundlovu neLembe.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uMfu Buthelezi, uthe izangoma zezulu zakwa-South African Weather Services ziqagule ukuthi lezi zindawo ezibalwe ngenhla zizokhahlanyezwa izimvula ezinamandla, ukuduma kwezulu okuhambisana nombani nomoya onamandla ongabangela ukuthi kucekeleke phansi ingqalasizinda. Ube esenxusa izakhamizi ukuba zingasishayi indiva lesi sexwayiso ukuze ziphephe.
“Abezimo eziphuthumayo sebeme ngomumo kulezi zindawo okuqagulwe ukuthi zingase zikhahlanyezwe yilezi zimvula ukuba baqaphe isimo. Lezi zimvula zingaholela ekulahlekeni kwemiphefumulo, kulimale ingqalasizinda kuphinde kuhambe nogesi.
Nanxa lezi zimvula zilindelekile, kodwa abe-Provincial Disaster Management Centre, sebekuqinisekisile ukuthi abezimo eziphuthumayo kanye nabezezinhlekelele bami ngomumo ukubhekana nalesi simo,” kusho uMfu Buthelezi.
“Abantu kumele bagweme ukuwela imifula nemigwaqo ezobe inezikhukhula, baqikelele uma beshayela ukuthi imigwaqo iphephile ngoba lezi zimvula zingadala ukuthi imigwaqo ishelelele. Abantu abaqikelele ukuthi bahlala benolwazi mayelana nesimo sezulu.
Abamathimba ezinhlekelele asehlanganile ngenhloso yokubhekana nalesi simo sezimvula ezinamandla ezingase zikhahlameze omasipala abathize abaqaguliwe izangoma zezulu ukuthi bangase bakhahlamezeke.”