IBHOLA likanobhutshuzwayo labantu besifazane lenyukele ezingeni eliphezulu njengoba kuzoqala isizini yalonyaka u-2024 Hollywoodbets Super League , eqala kulempelasonto esikuyo. Kuvelile ukuthi kubhekelele ukuthi lesizini iqale kusasa 2 March 2024, kanti ngonyaka ophelile kwashaywa amagoli angu-720 , kanti iMamelodi Sundowns iyona eyanqoba iligi yaba ngoshampeni okwesithathu kulandelana. Okhulumela i-Hollywoodbets uNksz Kuhle Mkhize uthe laba abavikela isicoco oshampeni i-Mamelodi Sundowns izimisele ngokuvikela lesicoco futhi iphinde iinqobe lulesizini, kanti namanye amakilabhu azimisele ukuba kulomgqigqo wokungobo koweligi. UMnu Menzi Ngcobo, oyiHollywoodbets Senior Sponsorship Coordinator, njengoba siqala lesizini ye-Hollywoodbets Super League, sijabule kakhulu futhi sithokozile ukuthi amakilabhu abantu besifazane akhombisa ukuzimisela kakhulu. Uthe sizibophezele ukuba siphendlele abesifazane indlela eya empumelelweni baphinde bazibone sebeqhakazile futhi sebedlala imiqhudelwane yebhola likanobhutshuzwayo likazwelonke. “ Siyilenhlangano yebhola sizimisele futhi sizoqinisekisa ukuthi i-Hollywoodbets Super League, iqhubekela phambili futhi iyakhula mawala ngenhloso yokuthuthukisa ibhola labesifazane,” esho, eqhuba ethi, sifisa ukubona ibhola lamantombazane ase-South Africa likhula lapha lakuleli. IsiKhulu esiphezulu seSAFA CEO Lydia Monyepao , sithe sibambisane lenhlangano yezokugembula eqotho futhi ezibophezele ukuthi iyaqinisekisa ukuthi ibhola labesifazane liyandlondlobala, kanti libeke ezingeni eliphezulu kuthi abadlali abadlalela lamaqembu akhona kuHollywood Super League , sigcina sibabona sebedlalela iqembu lakuleli iBanyana Banyana. Kuzokhumbuleka ukuthi iBanyana Banyana bangoshampeni base Afrika kanti futhi basifaka kubalazwe emhlabeni jikelele ngoba babamba iqhaza elikhulu kwiFIFA Women’s World Cup eyabe ibanjelwe New Zealand nase-Australia. Uqhube wathi iHollywoodbets Super League yavulela abadlali abaningi amathuba okuthi bakhombise amakhono abo, futhi baphinde babonakale babonwe ngamakilabhu adlala ezigabeni eziphezulu kanye nawaphesheya kwezilwandle, abadlalela iqembu elikhulu kanye nelincane lakuleli. “ Abadlali bakuleli bavelela kakhulu emhlabeni wonke jikelele ngekhono abalikhombisayo uma besenkundleni,” sho. “ Ngaphandle kwalaba esibambisene nabo ngabe ibhola labesifazane ngabe alikho kulei zinga esikulo manje,” kuqhuba yena. Uthe sibheke phambili futhi sibheke amakhona Amahle azokhonjiswa abadlali kule sizini njengoba bekhombise ukuzimisela okukhulu ngonyaka ophelile. Uphethe ngokuthi miningi imidlalo ezodlalwa kulempelasonto esibheke kuyo.
Iligi imi kanje: I-Durban Ladies FC izobe igadulisana ne-University of Pretoria ezinkundleni zemidlalo e-Chatsworth Stadium. i-JVW FC will yona ibhekane ne-TS Galaxy Queens enkundleni i-UJ Soweto Campus kanti umudlalo obhekeke kakhulu owe-Mamelodi Sundowns Ladies apho izobe igadulusana ne-Royal AM e-Lucas Moripe Stadium, Atteridgeville.