KWESOKUNXELE: NguMnuz Boitumela Huma (isikhulu seNyatee Foundation), umfundi olale isibili uNomcebo Cele, uMeya uMnuz Bongani Radebe ,ofake inyufomu emdaka ngumfundi obaqwaqwade bonke uMinenhle Ngobese kanye nabanye abafundi abaphase ngamalengiso. Kwezinye izikhulu zeNyatee, amakhansela kanye nabafundi abaklonyelisiwe.Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE
“USHINTSHO aluvimbeki futhi luyafika!” Lawa ngamazwi ashiwo yisikhulumi sosuku uPastor PS Lungi M, emcimbini wokuklomelisa abafundi baka-matric abaphase ngamalengiso eDannhauser, obuvanjelwe ehholo lomphakathi waseDannhauser, ngoLwesihlanu.
“Nizoklonyeliswa niphinde nihalaliselwe namuhla ngoba nenze kahle ezifundweni zenu, manje sekumele nazi ukuthi sekukhona ushintsho oluzoqala ezimpilweni zenu okubalwa kukho indlela esenizofunda ngayo ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uPastor Lungi M.
“Kumele nazi ukuthi izolo ubungelona ikhansela, namhlanje uyikhansela kusasa awuselona futhi ikhansela, lokho kudalwa ushintsho. Ushintsho luyafika empilweni futhi ngeke ulushintshe uma selufikile.
“Nihlale iminyaka ema-desikini, nasezikhungweni zemfundo ephakeme nizothola sekukhona okushintshile ngoba ngeke kusafana nasezikoleni ebenifunda kuzo lapho bekufike kume uthisha aqhume enifundisa. Le kwangqondonkulu nizothola othisha bakhona (lecturers) abazovele baninikeze izahluko ezithize encwadini bathi hambani niyofunda wona, bese bephuma ngomnyango, yingako kumele nilwamukele ushintsho,” esho.
“Noma ngabe uthi awulufuni ushintsho, kodwa luzobakhona futhi luzofika. Uma uzama ukuluziba uzogcina udidekile ngoba lona luzofika noma ngabe wena awulifuni.
Abantu bayalwa noshintsho, kodwa lokho kulwa noshintsho kuyodala ukuthi ungaphumeleli empilweni yakho nasekusaseni lakho engabe liyaqhakaza, lifiphale ngoba unqaba ushintsho” kusho yena.
Niyobona abantu abehlukene , abanye uyobathola befake amacici egolide umzimba wonke kodwa kumele nazi ukuthi niyofunani ezikhungweni zemfundo ephakeme, futhi nibe nemibono emihle ngekusasa lenu.
Laphaya ezikhungweni zemfundo ephakeme kugcwele izidakamizwa (amblesa ) obaba abaphatha imali banunusele izingane, nakho konke, kodwa ningathatheki. Yazini ukuthi niyofunani ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Yazini ukuthi ikuphi enifisa ukukuzuza ezimpilweni zenu, futhi nina mantombazane, nibagade abafana abahamba ngezimoto zohlobo lwama-Polo, ngoba bayazi bafunani futhi kudala bebagila bagcine bengakuzuzanga abakuyele ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Nani njengoba seniyofunda kulezi zikhungo nizobe ningenabo abazali eduze kwenu, kodwa ziphatheni kahle sinifisela impumelelo ezifundwenu zenu, niqhubeke nifunde niphase ngamalengiso njengoba nenzile ezivivinyweni zenu zika-matric.”
UMeya waseDannhauser, uMnuz Bongani Radebe, uthe: “Silapha nje namuhla sihlanganiswe ngabafundi abaphase ngamalengiso, futhi konke sikubeka kubo abafundi ukuthi bazithathe iziyalo esibanika zona njengoba sebebheke ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Othisha basebenze isikhathi esengeziwe ngenhloso yokuthi niphumelele ezifundweni zenu bengabhekanga nzuzo kodwa bekhathalele nina ukuthi niphumelele,” kusho uRadebe.
“Othisha baklame indima enkulu , siyawubonga umsebenzi wabo omuhle abawenzayo ukuthi banacije kwezemfundo.
Kuyaye kube nesikhathi lapho othisha bethi siya le, kodwa abafundi bangabalaleli othisha nabo bathi siya le noma bezama ukubakhalima abanye bangavumi bagcine beyeke izikole.
UDkt Nelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi, wathi ‘Isizwe esingenayo imfundo akusona isizwe’. Ngoba ayebeka phambili imfundo ethi iyisikhali sezwe futhi ingukhiye ovula na noma ngabe imuphi umnyango ovaliwe.
Sasiya ezikoleni singadlile, nina ninenhlanhla ngoba sekuyadliwa ezikoleni futhi senifunda ngezinto enizibonayo neziphathekayo.
Abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme bathenga utshwala obudulayo futhi nezimoto ezidulayo. Obaba abadala bangcolile futhi abanamahloni ngokuhamba beye ezikhungweni zemfundo ephakeme beyoheha izingane ezincane ngemali ngenhloso yokulala nazo nokuthunaza ikusasa lazo.
Qaphelani bantwana uma niya ezikhungweni zemfundo, kubhenywa kuphinde kushushumbiswe nezidakamizwa, ningabi yingxenye yalezo zinto, ngoba nakhona ezikoleni eniphuma kuzo zikhona izidakamizwa kodwa nikhonile ukuzigwema, qhubekani nezifundo zenu.
Ezikoleni zalapha esifundeni saseMajuba sibhekene nezinselelo zamaqembu emigulukudu nezidakamizwa, kodwa ngapha eDannhauser sibambisane nezinhlaka zezomthetho nezinye izinhlaka zikahulumeni zizamile ukunqanda ukubhebhetheka kokungabi nozinzo ezikoleni ngenxa yamaqembu emigulukudu nezidakamizwa.
Kubalulekile ukuthi siniyale njengabaholi bakusasa njengoba sibheke lukhulu kinina,” kuphetha uRadebe ophethe ngokugcizelela kubafundi ukuthi namakhansela omasipala waseDannhauser nawo ayazithuthukisa ngemfundo, awahleli dekle.
UMnuz Boitumelo Huma, oyisikhulu seNyatee Foundation uthe:” Ngibonga abazali, othisha kanye nabafundi abaphase ngamalengiso. Othisha baklama indima enkulu empilweni yabafundi ngoba yibo abaqala nabo emabangeni aphansi ezinkulisa bebafundisa ukubhala baze bazobabeka kwa-matric,” kusho uaHuma. “INyatee Foundation iqala ukuxhasa abantwana besezinkulisa njengoba ibeka imfundo phambili ize iyobafikisa ezikhungweni zemfundo ephakeme ilokhu ibaxhasile, okuyingakho isisungule isikhwama somfundaze.”
I-Nyatee Foundation yiyona enikele ngesamba sika-R62 500 semifundaze (bursary).
Abafundi abathathu ababaqwaqwade emakhanda eDannhauser, bahlomule ngama laptop, okungu- Minenhle Ngobese , obefunda eMnyamande High , othole o-A abayisishiyagalombili, kwaba ngu-Noncebo Cele , obefunda eMzokhanyayo High, kwathi olale isithathu kwaba ngu-Siyathokoza Ndaba naye obefunda eMzokhanyayo. Abafundi abangu-13 abaphase ngamalengiso bona bahlomule ngemali engu-R5 000 ngamunye kwathi abangu-25 nabo abaziyela kuMeya Radebe bacela ukuxhaswa bona bathola uR2 500 ngamunye.
Isikole esiphase kakhulu kunazo zonke futhi esiziqwaqwade emakhanda kube uMzokhanyayo,kwalandela Siphuthando High kwagcina iPhathakahle High kanti zonke zithole u–100% emiphumeleni kamatric.



