AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal ayayichitha njengamampunge eyokuyamaniswa kwephoyisa elinguConstable eliboshwe ngezinsolo zokudunwa kwemoto nokubamba inkunzi okwaholela ekushoneni kwengane yentombazane eneminyaka engu-11, eMalvern, eThekwini, ngenyanga edlule.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uConstbale Minenhle Makhaye waseCator Manor, eThekwini, akaxhumene nalesi sigameko sokudunwa kwemoto nokufa kwengane.
Kodwa ubhekene necala lokweba, elokukhwabanisa nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
“Ngithanda ukwazisa izakhamizi ukuthi iphoyisa eliboshiwe, aliboshelwe ukudunwa kwemoto okwaholela ekutheni kushone ingane yentombazane eneminyaka engu-11, eyashona e-Malvern , ngenyanga edlule, alixhumene nalesi sigameko,” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni.
Ezindabeni zoKhozi FM kuvele ukuthi uConstable Minenhle Makhaye watholakala namakhadi angu-105, okukhona nelikamama wentombazane eneminyaka engu-11 eyashona ngosuku lwesigameko, sokudunwa kwemoto.
“Ngenkathi kudunwa imoto uConstable Makhaye wabe esemsebenzini e-Cator Manor (esiteshini samaphoyisa), wacelwa ukuthi ashayele imoto alibangise endaweni yaseCator Manor, ngoba seyitholakele imoto eyabe idunwe e-Malvern. Waphinde wacelwa ukuthi ashayele imoto yomsebenzi alibhekise e-Malvern endaweni yesigameko.
Yilapho-ke athola khona ikhadli likamgilwa, wabe eselintshontsha. Ngakho-ke uthweswe icala lokweba, elokukhwabanisa kanye nokuphazamisa ukusebenza komthetho, hhayi elokudunwa kwemoto nokubamba inkunzi njengoba kubikiwe phambilini kwabezindaba,” kusho uColonel Netshiunda, obe esenxusa izintatheli ukuba zingabhali izindaba ngaphambi kokuthola ubuqiniso bazo.
“Siyazi ukuthi izintatheli zibhekene nezinselelo zomnqamlajuqu (deadlines), kodwa kumele ziqinisekise ukuthi azibiki ngokungelona iqiniso. Siyavuma izintatheli zisuke zijahe umnqamulajuqu, kodwa nawo amaphoyisa kuwathatha isikhathi esidanyana ukuba aqinisekise ngokwenzekile futhi nawo asuke esenza uphenyo. Kumele izintatheli zibekezele.
Nathi sixhumana njalo nomphenyi wecala ukuze sithole ukuthi kuqhubekani enkantolo ukuze sibike okuyikho.
Uma sisesendaweni yesigameko asikwazi ukuphendula izintatheli ngoba sisuke sisaqoqa ubufakazi.”
UConstable Makhaye uvelile enkantolo yeMantshi yasePinetown ngo-Okthoba 7 ngemuva kokuboshwa ngo-Okthoba 4, uphinde wavela enkantolo ukuyofaka isicelo sebheyili icala labe selihlehliselwa u-Okthoba 22 ngoba uMbuso usaqhubeka nophenyo lwawo, emva kokuba eboshelwe ukutholakala nekhadi (lasebhange) likamama wentombazane eyashona ngosuku lokudunwa kwemoto.
Ngaphandle kokuboshwa nokuvela kwakhe enkantolo, usazophinda abhekane nekomiti eliqondisa ubugwegwe ngaphakathi esiteshini asebenzela kuso.