KWETHULWE ngokusemthethweni isikhungo sokuthuthukisa amakhono esaziwa nge-Isithebe Skills Hub and Youth Empowerment Centre, eMfundweni, eDannhauser, ngosizo lweHollywood Foundation.
Ukwethulwa kwalesi sikhungo okuhloswe ngaso ukuthuthukisa amakhono entsheni nasezakhamizini zaseDannhauser namaphethelo, kwenziwe ngemuva kokuba inhlangano kasomabhizinisi waseMfundweni, i-Makoti Life and Style, ihlomule ngoxhaso luka-R70 000 kwabeHollywood Foundation ngemuva kokuba umphathi wayo, uNkk Lethiwe Dlamini ephume isibili emqhudelwaneni owaziwa ngeBambelela Business Awards KwaZulu-Natal obuhlelwe yiyo le nhlangano yezokugembula.
“Ngijabule kakhulu. Lesi sikhungo singesokuqala ukunikelelwa ezakhamizini zaseDannhauser, futhi okuhloswe ngaso ukuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa ngamakhono ahlukahlukene, kuphinde kuthuthukiswe nomnotho waseDannhauser nesifundazwe saKwaZulu-Natal,” kusho uNkk Dlamini, obephuphuma injabulo.
“Ngeke igcine ngokuthuthukisa osomabhizinisi kuphela, izophinde ivulele abanamakhono okwenza imisebenzi yezandla, okubalwa abathungayo, abenza ubuhlalu, nabenza ezolimo entsheni nakwabadala.
Sizokwenza umehluko omkhulu (isikhungo) ezakhamizini, ikakhulukazi entsheni ngoba sinobuxhakaxhaka bemishini ezosetshenziswa ukuthuthukisa amakhono, kuphinde kudaleke namathuba omsebenzi. Sizovula namathuba amaningi kwabadala, entsheni nakwabaphila nokukhubazeka.
Isikhona inhlansi yethemba entsheni enamakhono kodwa engasebenzi, ngoba sesivuliwe lesi sikhungo esizothuthukisa umphakathi waseDannhauser. Ukwethulwa kwalesi sikhungo akusikho nje ukunikela kakhulu (kweHollywood Foundation) kodwa kungukutshala kakhulu emnothweni wesizwe, ngoba sizoqhakambisa umbono ebesinawo isikhathi eside.”
UNkk Dlamini uphinde waveza nokuthi isikole sabafundi abaphila nokukhubazeka esisoSizweni, eNewcastle, i-Vumanisabelo Special School, naso siyingxenye yalesi sikhungo.
Uqhube ngokuthi basazoyibiza imihlangano yokucobelena ngolwazi ngenhloso yokuthuthukisana nokukhulisana emkhakheni wezamakhono, ukuze kugqugquzeleke intsha ekugxileni emakhonweni nasemisebenzini yezandla ukuxosha ikati eziko ngokuzakhela amathuba omsebenzi ngaphandle kokubheka ukuqashwa.
“Lolu hlelo sasiluqale ngenhloso yokuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa, kodwa manje sesifisa kuthuthuke wonke umuntu onekhono, okungaba ngumsebenzi wezandla, ezolimo njalo, njalo.
Siyabadinga nabantu abazokhulisa amatshwele badayise izinkukhu nasemabhizinisini ahlukahlukene nakweminye imikhakaha.”
Kuvela ukuthi noMasipala waseDannhauser uzolekelela lapho ulekelela khona ngenhloso yokuthuthukisa umnotho.
UMeya waseDannhauser, uMnuz Bongani Hadebe, uzwakalise injabulo enkulu ngokuthi i-Makoti Life and Style ivule lesi sikhungo samakhono, wathembisa ngokuthi umasipala uzozibophezela ekufakeni isandla ekwelekeleleni ukuthuthukiswa kwamakhono nomnotho wakule ndawo.