IZINYUNYANA zabasebenzi kanye nongqongqoshe. Kwesingezansi amalunga omphakathi.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
LIBE yimpumelelo iPhalamende labasebenzi lapho bekukhona izinyunyana zabasebenzi, uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli kanye namalunga omphakathi ebelibanjelwe ehholweni i-Durnacol Sports Complex Hall,e-Dannhauser, ngoLwesihlanu lolu.
“ Siphatheke kabi uma sibona ukuthi umnyango wezamanzi usetshenziswa njengendlela yokufeza izinhloso zepolitiki,” kusho uMnuz Edwin Mkhize, obemele abasebenzi, eqhuba ethi, sihambele izindawo ezimbalwa safike sathola ukuthi bakhona ompompi bamanzi, amathangi amanzi kodwa amanzi awaphumi kompompi.
Uthe enkulumeni yakhe ukuncishiswa kwesabelo mali seminyango eyahlukene kuthunazo ukuhanjiswa kwezidingo nqangi kubantu (service delivery).
Uqhube wathi , silapha nje namuhla njengoba abasebenzi emapulazini, ezindlini , kwezinye izinkampani kanye nasezimayini basahlukumezekile futhi abakaholelwa amaholo agunyazwe ngumthetho sisekelo (minimum wage).
“ Ngaphandle kwabasebenzi angeke kubekhona umnotho,” esho.
“ Asiphathekile kahle njengabasebenzi njengoba umnyango wezamanzi ungasiyona inxenye yaleli Phalamende labasebenzi namuhla (NgoLwesihlanu), “kusho uMkhize.
Uthe abasebenzi basemapulazini kumele bavikeleke futhi bahole imali egunyazwe ngumthetho sisekelo, futhi banikwe namalungelo afanele njengezisebenzi.
UMnuz Mkhize ube esethula izinqumo ezithathwe iPhalamende labasebenzi (Resolutions).
Esokuqala sithe phansi ngemifelandawonye engekho emthethweni (bogus co-operatives), kumele kulwiswane nenkohlakalo kanye nobugebengu obuseminyangweni eminingi kahulumeni.
Uqhube wathi azigcwaliswe izikhala zomsebenzi ezixhaswe ngemali (funded vacant post to be filled), kuyo yonke iminyango.
“Kumele kuvikelwe izinqola zezimo eziphuthumayo ukuba zingadunwa (protect hijacking of Ambulances), ngoba ukudunwa kwazo kubeka izimpilo zabantu encupheni,” kusho uMkhize , ethula izinqumo, eqhuba ethi, kubuhlungu ukubona amacala afakwa ngabasebenzi abasuke bexoshwe ngokungekho emthethweni emsebenzini , ethatha iminyaka engaphezulu kwemithathu , kungekho sixazululo.
Uthe kunesikhathi lapho abaqashi bengazihluphi ngokuya emacaleni abo nabasebenzi , bese kuthi uma isinqumo sesithathiwe esivuna abasebenzi befaka isicelo sokuthi makubuyekezwe isinqumo (recision).
“ Abasebenzi bomasipala abakhokhelwa ngendlela efanayo lokho kumele kuphele Kwazulu-Natal ,” esho ngenkathi ethula izinqumo.
Izinqumo ziphinde zithi kunenkinga kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal ,esibhekene nokubulawa kwamaphoyisa kanye nokuzibulala kwawo (killing of police and suicides).
Baphinde bakuveza ukuthi abakufuni lokhu okwenziwa izikhulu zikahulumeni zokuza kubo bezokhuluma nabo kodwa bona bengafuni ukulalela ukuthi bathini abasebenzi , bese behamba bengakabezwa ukuthi bathini abasebenzi.
“ Izinga lokungasebenzi kwabantu liyakhuphuka ngesikhulu isivinini kodwa kudala sihlangane nohulumeni futhi siqhamuke nemibono yethu kodwa ayilalelwa.
“ Saqhamuka nemibono yokuthi ikuphi esingakwenza ekufukuleni umnotho kodwa asilalelwa,” esho eqhuba ethi, kumele kuqhanyukwe namasu kanye namapholisi okuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa futhi baxhaswe.
Kuthiwe umnyango wezothuthukisa ezemnotho awukhiphe imali eningi (Economic Development), kwakhiwe amathuba omsebenzi kanti futhi umnotho kumele umbandakanye wonke umuntu (inclusive economy for everyone).
Baphethe ngokuthi akusiphathi kahle ukuthi uma kukhona abafuna ukusebenzisa umhlaba kubekhona ababahlehlisela emuva labo abanaleso sifiso.
Zonke izikhulumi ebezivela ezinyunyaneni ezahlukene okubalwa kuzo i-COSATU, FEDUSA , NATU nezinye bezikhala ngokungaqasheki kwabantu kanye nokungaholelwa ngokulingana.
