INKANTOLO ePhakeme yaseMadadeni igwebe uMduduzi Ndawonde oneminyaka ewu-34, iminyaka ewu-25, emva kokuba elahlwe icala lokubulala iphoyisa uSgt Sandile Mgabhi obeneminyaka ewu-39. Kuvelile eNkantolo ukuthi uSgt Mgabhi wabe ehlezi nabangani bakhe futhi engekho emsebenzini mhlaka 19 February 2023, ngenkathi kusuka inxabano phakathi kukaMgabhi kanye noNdawonde lapho wayesolwa ngoktshontsha isibhamu (uNdawonde), esisemthethweni. Kuphinde kwavela ukuthi uNdawonde kanye nobhuti wakhe uMuziwezinsizwa Ndawonde oneminyaka ewu-43, babe sebethatha uMgabhi ngenkani bamusa endaweni engaziwa, kwasekuthi emva kwezinsuku ezimbili , kwatholakala isidumbu sika Sgt Mgabhi sinenxeba lokudutshulwa , kwabe sekuthi imoto yakhe , yatholakala egalaji lapho kwethiwa khona uphethiloli inezinsalela zegazi. Kwabe sekuvulwa icala lokubulala eColenso , kwathi icala labe selindluliselwa kumaHAWKS, kanye naku Pietermaritzburg Serious Organised Crime , ukuze baliphenye. Kuphinde kwavela ukuthi emva kwezinsuku eziwu-5 uMduduzi kanye noMuziwezinsizwa, baboshwa bathweswa amacala elokubulala kanye nelokuthumba. Inkanto iqhubeka nobufakazi iveze ukuthi bavela enkantolo amadlandla amaningi kwabe sekuthi uMuziwezinsizwa waphenduka ufakazi woMbuso , wabe esekhishwa yena ezitokisini , wabe eseba ngufakazi ogadiwe umthetho kusaqulwa icala. Icala labe selisuswa eColenso lasiwa eMadadeni. Okhulumela amaHAWKS uLt-Col Simphiwe Mhlongo uthe uNdawonde ugwetshwe iminyaka ewu-25, kwelokubulala, iminyaka ewu-7 kwelokuthumba, wabe esegwetshwa ukuba akhokhe imalili ewu-R10 000, kwelokungabiki ukuthi walahlekelwa isibhamu, kodwa lana amabili elika-25 weminyaka nelika-7,azohambisana. Oyinhloko iKwaZulu-Natal Directorate for Priority Crime Investigation uMaj-Gen (Dkt ) Leseja Senona , usamukele lesigwebo esinikezwe uNdawonde , waphinde wancoma umsebenzi omuhle owenziwe ngabaphenyi becala.