NGABAQASHELWE ukulwisana nokulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingagunyaziwo.
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, usememezele ukuthi bengumnyango sebeqashe abantu abawu-450, abavela komasipala abawu-10, ngenhloso yokulwisana nokulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingekho emthethweni. Kuvelile ukuthi ukulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingagunyaziwe sekudala ukuthi kucole idolobha leTheku kanye nakwamanye amadolobha amakhulu kueleli. Kuphinde kwavela ukuthi loluhlelo luqale endaweni yase Amaoti kanye naseDurban. “ Loluhlelo luzondlulela koMasipala abawu-10 , bakulesiFundazwe saKwaZulu-Natal, okuphinde kwadala amathuba omsebenzi, kodwa lamathuba omsebenzi awenkontileka yezinyanga eziwu-12, ngaphansi kohlelo lwe- Expanded Public Works Programme (EPWP),” esho esitatimendeni. Uqhube wathi omasipala abazobamba iqhaza kulolu hlelo ilaba, eThekwini Metro, Greater Kokstad Local Municipality, Msunduzi Local Municipality, Alfred Duma Local Municipality, Ray Nkonyeni Local Municipality, eNdumeni Local Municipality, Newcastle Local Municipality, KwaDukuza Local Municipality, Abaqulusi Local Municipality kanye no-uMhlathuze Local Municipality. Uqhube wathi umasipala nomasipala uzonikezwa abasebenzi abawu- 40 (EPWP workers), ngaphandle kw-eThekwini Metro , yona ezohlumula ngabasebnzi abawu-100, ngenxa yobukhulu bayo kanye nelihamba phambili ngokulahlwa kodoti ezindaweni ezingekho emthethweni. Ngesikhathi ungqongqoshe ethula lolu hlelo, ubehambisana neziMeya zomasipala , eziphinde zasayinisa laba basebenzi izinkontileka. Uthe kubekwe imali ewu-R10million okuzokhokhelwa ngayo abasebenzi laba abaqashwe okwesikhashana.
“ Lemali izobaholela , iphinde ithenge namathuluzi abo okusebenza, bathengelwe nezingubo eziphephile zokuqhuba lomsebenzi (Personal Protective Equipment), phecelezi PPE’s, “ esho. Uqhube wathi inhloso enkulu ukuvimbela noma ukunqanda ukulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingagunyaziwe, kuphinde kuvuselelwe nohlelo lwezingadi kanye nezindawo zokucwebeleka. Uthe sihlonze izindawo eziningi komasipala , ezinye ezisondelene nezikole, izibhedlela kanye nezinkundla zemidlalo. “ Sizoqinisekisa ukuthi siyalandelela ukuthi ngabe lolu hlelo luqhubeka ngendlela yini kulesikhathi besaqashwe ngokwenkontileka yezinyanga eziwu-12, ngoba sifuna ukuthola umphumela omuhle sibone izindawo zethu zihlanzekile. Unxuse kakhulu ukuthi omasipala balugqugquzele uhlelo lokulwisana nokulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingagunyaziwe “ War on Illegal Dumping”., ngokunikeza laba basebenzi amathuluzi okuvimbela lesihlava sokulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingekho emthethweni. “ Abantu kumele bayilandele imithetho nemigomo elawula ukulahlwa kwemfucuza,” kusho unkk Sithole-Moloi. Uphethe ngokuthi lokulahlwa kwemfucuza kuncolisa imvelo, imifula, ulwandle kanti futhi kuyingozi ezimpilweni zabantu. Lokhu kuphinde kuavale ukuhamba kwamadreyini gcine ezegcwele kungasahambi lutho (block drainage system, leading to flooding). Bonke laba abaqashiwe sebeqalile ukusebenza.