UMLISA oneminyaka engu-45 ugaxwe ngesigwebo seminyaka engu-35 yiNkantolo yesiFunda yaseGreytown ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokulahlwa ngamacala amabili, okungelokudlwengula nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Kule minyaka engu-35 uBongumusa Sokhela agwetshwe yona, engu-10 yayo ngeyokudlwengula kanti engu-25 ngeyokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asesiFundeni saseMzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, uSokhela wenza la macala agwetshwelwe wona ngoMashi ka-2022 lapho adlwengula khona owesifazane owabe eneminyaka engu-26 ngaleso sikhathi. Kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula nelokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa saseGreytown.
“Umgilwa wacela ukugitsheliswa nguSokhela yakhe (uSokhela) ngenkathi wabe esuka eGoli eya eGreytown, endaweni yaseNgome, ngoba kwabe sekusebeusuku sekuphele izimoto eziya ngasekhaya.
USokhela wazenza uMsamariya olungileyo ngokusiza umgilwa ngokumgibelisa emotweni, kodwa okwathi sebesendleleni uSokhela wakhipha isibhamu wafuna imali nomakhalekhukhwini ngenkani kulo wesifazane,” kusho uConstable Nkwanyana.
“Ngaphambi kokuba ehle emotweni uSokhela waphinda wasabisa umgilwa ngesibhamu, wabe esemdlwengulela khona emotweni. Ngemuva kwalesi sehlakalo lona wesifazane wabe esevula icala esiteshini samaphoyisa saseGreytown.
Amaphoyisa akwazi ukubopha uSokhela, embophela endaweni yase Ngome,ePaulpitersburg, lapho ayebhace khona, icala labe selidluliselwa kumphenyi wamacala aphathelene nodlame olubhekiswe kwabesifazane nawocansi esiteshini samaphoyisa saseGreytown, uSergeant Richard Gilden.”
UMkhuzi wamaPhoyisa esiFundeni saseMzinyathi, uMajor General Francis Slambert, uwuncomile umsebenzi owenziwe uSergeant Gilden wokuqoqa bonke ubufakazi obuholele ekugwetshweni kukaSokhela.
Uthe amacala okuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane adlangile esiFundeni saseMzinyathi, wathi lesi sigwebo sizothumela umlayezo oshubile kunoma ngubani osafisa ukugila lo mkhuba ukuthi uzogwetshwa isikhathi eside ebhadla ejele.