UKUFUNDA nokufundisa kuzoqhubeka ngokujwayelekile ezikoleni ezosebenza njengezikhungo zokuvotela ngoba luqalile uhlelo lokuvotisa okukhethelekile kulaba abangasakwazi ukufinyelela ezikhungweni zokuvota. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesihlanu mhlaka 24 May 2024, uMnyango weZemfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal , ukuthi wakhipha umyalelo othi zonke izikole ezizobe ziyizikhungo zokuvotela azinikezelwe kwiKhomishana yokheth ezimele (Independent Electoral Commission), phecelezi IEC , ukuba izingamele ukuze luqhutshwe ngokungachemu ukhetho futhi kube olukhululekile. Isekhula unombolo 65 yangonyaka u-2024, yabe ithi zonke lezikole namuhla mhlaka 27 May 2024, kumele bazinikezele kwilekhomishana esibalulwe ngenhla. Okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla uMnu Muzi Mahlambi uthe ukufunda kuzoqhubeka ngendlela ejwayelekile. Uthe bafuna ukucacisa lokhu ukuthi izikole aziqhubeke ngokufunda kanye nokufundisa ngokujwayelekile ngoMsombuluko kanye nangoLwesibili, kodwa mhlaka 29 May 2024, komele zinikezelwe kulekhomishana, kanti abaphathi bekhomishana bazovumelana nothishanhloko ukuthi bazodinga ukuthi babanikezelele nini lezikole ezizothathwa njengezikhungo zokuvotela ukuze balungiselele kahle usuku lokhetho olubhekwa ngabanzi amaqembu ezepolitiki, ngoLwesibili ntambama. Uqhube watho ngoLwesine izikole kumele futhi zisebenze ngokujwayelekile. Uthe izikole okungenzeka uma kubonakala ezingahlala zingasebenzi ngokujwayelekile ilezi ezincane ezingenawo amakilasi amaningi , okungaphazamiseka ukufunda kuzo uma kuqhutshwa umsebenzi wokhetho zona zingahlala emakhaya kuze kundlule ukhetho. Uphethe ngokuthi othishanhloko bazokwazi ukulawula izikole nanxa kuqhubeka ukhetho njengoba bebekwenza eminyakeni eyedlule uma kunokhetho futhi nezikole abaziphethe zisebenza njengezikhungo zokuvotela.