UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthi uboxekile futhi udumele ngesenzo sobuholi bukaMasipala wesiFunda Amajuba, ngokuthi bavale amasango ezovula ngokusemthethweni isikhungo Amajuba District Centre esibhekelele ezezinhlekelele. Uthe ukuvalwa kwamasango ekubeni kwaziwa ukuthi uyeza kumdumaze kakhulu futhi indlela embi yokuziphatha kweziphathimandla zalomasipala osubalulwe ngenhla ngoba bekumele avule lesakhiwo ngokusemthethweni kodwa bancama ukuvala amasango, ziolo ngoLwesihlanu mhlaka 17 May 2024, eMajuba, eNyakatho nesiFundazwe saKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi lesakhiwo noma isikhungo besivakashelwe izikhulu ze- Provincial Disaster Management Centre, ukuzosivula ngokusemthethweni, eMadaden. Kuphinde kwavela ukuthi lesikhungo sakhiwe ngemali ewu-R57 million , ngoba sinendawo yezezinhlekelele kanye nebhekelene nezomlilo okuseqophelweni eliphezulu (state-of-the-art disaster and fire management centre), ukuze kuthi uma kunezinhlekelele abasebenzi baphuthume ngokushesha. Uqhube wathi bazilandela zonke izinhlelo bakhuluma neziphathimandla zakulomasipala baphinde bamema uMeya wesiFunda Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu kanye neMenenja kamasipala uMnu Mpumelelo Manqele, kodwa sithe uma sifika sizovula ngokusemthethweni sathola iminyango kanye namasango kuvaliwe, saze saphoqeleka ukuba sifonele laba abakwaziyo ukuvula iminyango nezikhiye (lock smith), basivulela. “Sizamile ukufonela oyimenenya uMnu Manqele kodwa akalubambanga ucingo sase sifonela abazosivulela,” esho. Uqhube wathi baqinisekisa njengomnyango ukuthi lesikhungo Amajuba Disaster and Fire Centre , siyakhiwa ngenxa yokuthi lesifunda zakhahlanyezwa kakhulu izikhukhula kanye nemililo yequbula (floods and fire disasters), ikakhulukazi kulezindawo ezilandelayo Madadeni, Osizweni, kanye nase-Utrecht. “ Lesikhungo sizoba nalezinsiza ezilandelayo, call centre, fire engines, storage facilities kanye necontrol room, lapho amathimba ezezinhlekelele bezobheka ezezinhlekelele, ukunciphisa izehlakalo zazo kanye nokuphuthuma ezindaweni zazo izinhlekelele. Uthe sakuba amthola umenenja kodwa wachaza ukuthi wanikezwa umyalelo nguMeya uMntwana Ndabuko Zulu , ukuba asikhiye lesakhiwo, lokho okwamethusa kakkhulu, ngalesenzo esnziwe ngumeya esikhombisa ukungahloniphi kanye nokungabi nobuhlakani kanye nokwedelela umnyango nezinhlelo zawo zokuzolekelela ngezikhathi zezenhlekelele. Uthe lezikhungo zibaluleke kakhulu ngoba zisebenza amahora awu-24, esiza umphakathi. Kanti lokhu okwenziwe umeya akwamukelekile kakhulu. Uthe kungenzeka noma ngayini efana nenhlekelele uthole ukuthi akukho muntu osebenzayo nozophuthuma endaweni yesigameko. “Singumnyango ngeke sikubekezelele lokhu okwenziwe, ukuvimbela umphakathi ukuthi uthole izinsiza,” kuqhuba yena. Uthe umkhandlu waseMajuba ukhombise ukungawazi nokungaqondi ukuthi umnyango usebenza kanjani. Uphethe ngokuthi sifuna ukubheka kahle lendaba ngoba siyabona ukuthi kukhona nepolitiki eshibhile eqhutshwayo lapha, futhi lokhu akuvumelekile kithina sonke silibe sathola uhulumeni wentando yeningi. Uqhube wathi lesakhiwe sakhelwa ukubhekana nezimo eziphuthumayo futhi hhayi ukuthi zisetshenziselwe ukuqhuba ipolitiki. Besimeme amakhansela , usomlomo kanye nezimeya kulomcimbi wokuvulwa kwalesakhiwo ngokusemthethweni. “ Siyakuqonda ukuthi ukhetho selusemome kodwa lokho ngeke kuvimbe uhulumeni ukuba ahambise izidingo kubantu, futhi asilindele ukuthi kube khona abazovimba uhulumeni ekuletheni izidingo kubantu,” esho. Kodwa uphethe ngokuthi sivulwa nje lesisakhiwo sesivele siyasebenza.