LIHLEHLELE isonto elizayo icala labasolwa ababili abebevele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu ngoLwesithathu ngokubulala indoda eneminyaka engu-35 endaweni yaseMfeka, eNquthu.
UMnuz Nkosiyakhe Dlamini (38) noMnuz Zobaphi Mpanza (59), babhekene necala lokubulala uMnuz Khanyisani Mncube (35), owabulawa ngoSepthemba 23 kulo nyaka.
Ngokusho kokukhulumela amaphoyisa esifundeni saseMzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, uDlamini noMpanza baya ekhaya likaMncube beyombheka, okwathi uma bembona edlula base bemlandela bamdubula ngaphandle kokusho lutho kuye.
“Amaphoyisa abe eselunywa indlebe ngalaba basolwa, ababesoleka ekubulaweni kukaMncube. Kwase sekuba nophenyo olunzulu olwenziwa ngamaphoyisa ophiko lwabaphenyi kanye neNquthu Vispol, olwabakhoma endaweni yaseSandlwana lapho afika ababopha khona la basolwa ababili, okunguDlamini noMpanza, endaweni ababecashe kuyona ngemuva kwalesi sigameko sokubulala,” kusho uConstable Nkwanyana.
Uthe ngenkathi beboshwa uDlamini noMpanza, omunye wabo watholakala nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-pistol.
“Lesi sibhamu esatholakala sizothathwa siyohlolwa ukuthi asikaze sisetshenziswe yini kwezinye izenzo zobugebengu,” kuqhuba uConstable Nkwanyana.
Icala lihlehliselwe u-Okthoba 30. 2024, nokuyilapho abasolwa bezofaka bezofaka khona isicelo sebheyili.