ICAMAGU news esikhungweni sibika bukhoma esikhungweni sika IEC ngokhetho
LINQENQEZA phambili esiFundazweni saKwaZulu-Natal, iqembu elisanda kusungulwa Umkhonto Wesizwe. Lokhu kuvela njengoba kusaqhubeka ukubalwa kwamavoti esifundazweni kanto neqembu leDemocratic Party lisahamba phambili e-Western Cape. Ukubalwa kuqalwe ebusuku emva kokuba kuvaliwe ezikhungweni ngehola lesishiyagalolunye. Oyisikhulu sokhetho uMnu Mawethu Mosery uthe nanxa kuke kwabakhona izikhungo ezingaqalanga ngesikhathi ngenxa yezinqinamba ezithile kanye nemishini ebengingasebenzi kahle kodwa kugcine kulungile futhi nokhetho luhambe kahle. Uqhube wathi akukho zigameko zokungabekezelelani ezibikiwe ezikhungweni zokuvota kulolukhetho lwezifunda nolukazwelonke. Kubonakala uhamba pahmbili Umkhonto Wesizwe ezikhungweni kwisigceme saku wadi-8, ngoba ezikhungweni eziwu-6, uhambe phambili kwezinhlanu waluza esisodwa usiluza kwi-Inkatha Freedom party (IFP). Amaqembu abekhipha amangwevu lulolukhetho okungokuqala ukuba libe namaqembu amaningi liphinde libe namaphepha amathathu okuvota selokhu leli lathola uhulumeni wentando yeningi. Izikhungo zokuvota beziwu-23 000, kodwa akubikwanga nkinga kuzo zonke futhi namaqembu ezepolitiki ebebekezelelene kuzo zonke izikhungo. Kuphinde kwavela ukuthi abavota ngokukhethelekile bona bandlulile ku-900 000, kanti bonke abebebhalisele ukuvota eSouth Africa bebevile kwabangu-27 million, kanti nezikhungo eziwu-60, phesenti zivulwe ngesikhathi.