IQEMBU elidle umhlanganiso emqhudelwaneni weNgomo. Kwesinye abahleli bomcimbi , amaphoyisa, kanye namalunga opmhakathi.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
LUBUNGAZWE ngendlela ehlukile usuku lwentsha njengoba bekuhlelwe umqhudelwano weNgoma , yamaqembu angaphansi kukaMasipala wase Dannhauser, obubanjelwe ehholweni lo mphakathi e-Springbok, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal izolo (Msombuluko 16 Juni 2025).
Kuvelile ukuthi lo mcimbi ubuhlelwe amaphoyisa aseDannhauser, ebambisane ne Youth Desk, Community Policing Forum (CPF) , phecelezi uhlaka lo mphakathi olusebenzisana namaphoyisa ekulwisaneni nobugebengu, uMasipala waseDannhauser , Indonsa Socio Economic Development Agency kanue nezinye izinhlaka.
USihlalo we Youth Desk eDannhauser uNksz Thembeni Dlamini uthe musani ukulwa uma ningawinanga uma bekunomcintiswano wengoma , yibani obhuti nosisi , njengoba sihlele lo mcimbi sihlose ngakho ukuthi nizwane ningalwi nodwa.
“Leli ikhono lenu ningalixhaphazi ngezindlela ezimbi njengoba i-KZN Community Policing Forum inesiqubulo esithi asibambisaneni ukuze siphephe futhi silwe nobugebengu, njengoba kuvela ukuthi ukulwa kwamaqembu ezikoleni kwaqala engomeni uma kukhona abangaphumelelanga kwaze kwakapakela ezikoleni,” kusho yena.
Uthe manje sekunamaqembu ahlaselana ezikoleni ngenxa yengoma.
UMenenja ehhovisini likaMeya wase Dannhauser uMnuz Nkosingiphile Hlatshwayo uthe yekani ukulwa uma sekuphume imiphumela emqhudelwaneni wengoma.
Uthe intsha ka-1976 yasukuma yabhekana nqo nohukumeni wobandlululo , ingafuni ukufundiswa ngesibhunu.
Uqhube wathi kunabantu abadala abayizangoma nezinyanga abaphethe ingoma , abagcaba izingane ngezilwane , bazifake amabhande bese ziyalwa zibulalane.
Uthe sifisa ukubazi labo bantu abadala abagcaba izingane , baphinde bazifake namabhande ngaphandle kolwazi lwabazali bese zihlanya zilwe zodwa njengoba sifisa bakupheze lokhu okubulala isizwe.
Uthe kwashona izishoshovu zentsha zilwela imfundo yokulingana manje asiluhlonipheni lolu suku esilugubhayo namuhla njengoba kwashona intsha efana noHector Peterson, Tsietsi Mashinini kanye nabanye belwela ukufundiswa ngesibhunu kanye nemfundo engcono.
“Niyabona sinithanda kangakanani yingakho sidele konke sazobungaza nani lolu suku olukhulu kangaka,” esho.
“Siyizingane ze Social Development kusho uNksz Nhlanhla Masuku obekhulumela inhlanga Indonsa Socio Economic Development Agency.” Uqhube wathi thina okwethu ukulekelela wonke umuntu njengoba siqala kubantwana esithi oChomie abaneminyaka esukela kweyishumi kuya kweyishumi nane (10-14), kuye kwabaneminyaka engu-15 kuya kwengu-24 okuyilabo abasuke besakwazi ukulalela uma bekhuzwa ngokwenza okubi.
“ Indonsa isebenza kusiFunda sonke saseMajuba, yenza izinhlelo (programms), kuzozonke izinhlaka ezifuna ukulekelelwa emphakathini.
SinosoNhlalakahle esisebenza nabo , uma udinga singenelele , uyakwazi ukusicela size sizokhuluma nabantu bakho abadinga usizo,” esho.
Uthe asikho isipele sempilo , abantu abazivikele , waphinde wathi siyakhuluma namadoda ngokwempilo siphinde sikhulume nemindeni. Sifisa ukuthi kuhlale kunobumbano.
“Siyanikhuthaza nina njengentsha ukuthi nihlangane nenze imifelandawonye (cooeperatives), bese nifuna usizo kuhulumeni uyaxhasa. Bantu abasha yibani nephupho lokuthi nifunani ezimpilweni zenu nokuthi nifuna ukuba kuphi ngesikhathi esithize,” esho.
Uthe gxilani emsebenzini wesikole hhayi kokunye ukuze nibe nekusasa eliqhakazile, futhi ninendima enkulu okusafuneka ukuba niyihambe ezimpilweni zenu.
USihlalo we District Youth Desk uMnuz Siyabonga Mbokazi uthe siyajabula kakhulu ukubona abazili beyingxenye yalombungazo , ukuze bazolalela kululekwa intsha.
Uthe kuthiwa impi yamaqembu yaqala kunengoma yaba isikapakela ezikoleni.
Uphethe ngokuthi size kulombuthane ukuze sizonigqugquzela ukuthi ukuhlangana kwalolu hlobo kungabi ngalolu suku kuphela kube yinto eyenzeka zinyanga zonke futhi minyaka yonke.
USergeant Joice Masondo oyi Coordinator ye CPF uthe (iCPF) ingumxhumanisi womphakathi kanye namaphoyisa.
Uthe uhlaka lwe CPF lwasayina ukuzibophezela ukuze basebenze belandela imigomo ( Signed Code of Conduct), kanti futhi balandela umthethosisekelo wezwe (constitution).
Uthe sizobungaza abantu abasha abalwa belwela imfundo engcono lena esiyitholayo kumanje, futhi asiyekeni izidakamizwa nokulwa ngoba abanye bazogcina emajele abanye bagcine emakhazeni uma niqhubeka nokulwa.
Uqhube wathi sike saphoqeleka ukuba sizolamula impi eyabe iphakathi kwezikole ezimbili Impala kanye neThathunyawo zilwa , sekungenelele namagenge akwaRamlani.
“Musani ukubanga izintombi, umswenko kodwa qinisani ezifundweni zenu,” esho.
Uphethe ngokuthi sifisa ukukhipha izihlabani zomculo ezifana noShwi, Ntencane kanye noMadanoni.
UKabuteni Sipho Mdluli naye uhambe emazwini kaMasondo njengoba ebemele umphathi wesiteshi saseDannhauser uCol Dubazane, naye ekhuza udlame olubhekiswe intsha entsheni.
Iqembu elidle umhlanganiso emqhudelwaneni wengoma kube Amadlangezwa lakhala lemuka nesamba semali engu-R2000, kwalandela Abaqophi bengoma bahlomula imali engu-R1500 kwathi elilale isithathu lona lathola umthoba nhliziyo wemali engu-R1000 okuyi 10 111.
Lomcimbi ububungazwa ezweni lonke.

