UGWETSHWE udilikajele yiNkantolo yesiFunda yaseMadadeni, eNewcastle, umlisa oneminyaka engu-38 ngemuva kokulahlwa ngecala lokudlwengula.
Ngokwesitatimende samaphoyisa uLucky Khanyi lo mlisa wabhadanywa yisihlobo esasimlunguza ngefasitela eqhoqhobele umshana wakhe emnukubeza ngo-Agasti 2021.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uLizzy Arumugam esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, ngenkathi ilunga lomndeni limbhadama umsolwa enqunu nomshana wakhe ayemnukubeza, alipholisanga maseko labikela amanye amalungu omndeni, maqede ingane yaphuthunyiswa esibhedlela ukuyohlolwa ngudokotela, wabe eseboshwa umsolwa ngemuva kokuvulelwa icala lokudlwengula.
“Idokodo lecala labe selinikezwa uSergeant TP Mdluli okunguyena owaliphenya ngaphansi kophiko lwe-Family Newcastle Family Child Services (FCS).
Ubufakazi obuthulwe ufakazi woMbuso kanye nelunga lomndeni luholele ekutheni agwetshwe udilikajele uKhanyi,” kusho u-Arumugam.
UKhomishana wamaphoyisa esiFundeni Amajuba, uMaj-Gen Fred Alexandra, usishayele ihlombe lesi sigwebo waphinde wancoma uSergeant Mdluli ngokuhambisa bonke ubufakazi obuholele ekugwetshweni kosolwa ngokudlwengula. Wathi lokhu kungukunqoba kwabezomthetho nokubuyisa isithunzi namalungelo abantu besifazane.