NGUNKSZ Zama Zulu onguzime. Izithombe. Bongani Motloung.
UZIME waseNquthu, eNyakatho neKwaZulu-Natal, uya kowamanqamu kwi-Miss Phenomenal South Africa. UNksz Zama Zul,u yintokazi eneminyaka engu-26, edabuka elokishini laseNquthu, oseneminyaka eyevile kweyishumi emkhakheni wonobuhle kanti futhi uphinde abe nesikole esikhulisa abantwana abancane abafisa ukuba ngonobuhle khona eNquthu. Ngenyanga ezayo kulindeleke ukuba aye emqhudelwaneni wamanqamu wesicoco se-Miss Phenomenal South Africa, mhla zingu-9 December ePitoli, e-Encore Theatre, lapho izintokazi ezibaqoqode emakhanda eziFundazweni, zobe zihlanganiswe ndawonye ,ziqhudelana ngobuhle ukuze kuphume umpetha walesicoco, noma ozodla umdlanganiso. Akungabazeki ukuthi uZama uzothatha isiFundazwe saKwa-Zulu Natal, asibeke ebalazweni kulomncintiswani. Lentokazi isike yanqoba lezicoco ezilandelayo-Miss Photogenic Queen 2020, Miss Carnival 2018, KZN Ambassador 2021, Miss Amajuba District 2019, Miss Summer 2019, Miss uMzinyathi 2nd Princes 2019 , kanye nezinye izicoco ezingabaluliwe. Kuvelile ukuthi uNksz Zulu , waba ngomunye wonobuhle abangakhonanga ukuba bangenele umbukiso we Dundee July, ngenxa yobufishane kodwa lokho akumuqedanga amandla, ukuba angenele ezinye izicoco, waphumelela njengoba kulonyaka ekwazile ukuwina I-Miss Dundee July Public Choice. Kuphinde kwavela ubengakakulungeli ukungenela umbukiso wenqephu kwi Dundee July. Lomncintiswano ugqugquzela ukukhuphula nokukhuthaza ngokomqondo ,nokuthi abantu bangazenyezi ngesithunzi sabo ,futhi bangacwaseki, ngengoba kubalulekile ukuthi uziqhenya ngobuwena bakho, Uma kukhulunywa nge-Mental Health, kusuke kugqugquzelwa ngokomqondo ikakhulukazi kubantu abaphila nezinkinga ezifana nencindezi, ukuba bathole ithuba lokukhuluma ngababhekene nakho ngaphandle kokwesaba.Njengoba uNksz Zulu, enze uhlelo lokukhulisa abantwana, ababukela kuye abafake kulomkhakha kungenye yezinhloso zakhe , ukuthi abafundise ukuba bakhule beziqhenya ngobubona , bazimukele ngoba besuke bedalwe benjalo. Uthe okunye akuhlosile ngalesikolo ukunqanda aimtsha ukuthi ingazimbandakanyi nezinto ezizobaphuca ububona babo njengezidakamizwa, ukukhulelwa besebancane ,kanye nokunye , okungenza ikusasa labo lifiphale. Abantwana abafunda ngaphansi kwesandla sakhe banenhlanhla ngokuba phela uNksz Zulu, kuvele ukuthi intokazi enothando, nesineke, sokufundisa ngoba uneziqu zobuthishela kanti futhi nsukuzonke uhlala emi ngaphambi kwabafundi baseHaladu Primary School, khona eNquthu.Abafisa ukuhambela lomcimbi we-Miss Phenomenal South Africa, bangazitholela amathikithi abo kusekhona isikhathi ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana okanye e Computicket.