Wednesday, June 4, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Ningabafihli abakhubazekile

by Langelihle Chagwe
January 31, 2024
in Community
Reading Time: 5 mins read
A A
0
Ningabafihli abakhubazekile
Share on FacebookShare on Twitter
ADVERTISEMENT

NINGABAFIHLI abakhubazekile! La mazwi ashiwo nguSihlalo wesigungu  samalunga omphakathi esikhethwa ngumphakathi sikhethelwa ukuthi sisebenze namaphoyisa ekulwisaneni nobugebengu (Community Policing Forum), uNkzs Ziningi Kunene. “ Sikubone kufanelekile ukuthi sibabizele namuhla emhlanganweni wethu wokuqala nabakhubazekile, sibakhombise uthando,” kusho yena. Uqhube wathi kumele bazi ukuthi nabo bavikelekile engalweni yomthetho, wathi ibona futhi abazisulu ezikhulu zokuhlukunyezwa nobugebengu ngoba sazi nokuthi kukhona namaqembu amagenge kulesifunda saOsizweni. Uthe noma ningaba nezinkinga ezinjani nizoluthola usizo esiteshini sakhona lapha Osizweni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Umphathi wesiteshi sasOsizweni uCol Michael Msebenzi Nkosi, uthe noma ninezinkinga ezinjani nizoluthola usizo, esiteshini. “ Okhubazekile kumele asizwe kuqala,”
esho, eqhuba ethi sinohlelo lokusiza laba abangakwazi ukuzisiza olubizwa ngokuthi “Outreach Programme”. Uqhube wathi kuyaye kufike abantu bakhale ngokuthi abanazo izindlu zokuhlala, siyabasiza ngokuthi , sibize umhlangano ophuthumayo nesigungu, sinxenxa osomabhizimisi, laba abakwaziyo ukupha nokuxhasa basixhase sibasize. Uthe kumanje kunemizi emibili okufanele yakhelwe ehlonzwe ngamaohoyisa, kanye nomphakathi. “ Asigcini ngokubopha , nathu singabantu, yingakho sibuye sisize emphakathini,” kusho yena uCol Nkosi. Ulande wathi musani ukuthula uma nihlukumezwa emakhaya, banithathela izimali zenu futhi banikhumbula uma niyohola kuphela bajike banganiphakali bayidle nemali yeni. Uthi zibikeni lezigameko, ngoba bayahamba bayoniholela babuye bathi imali ilahlekile, kodwa nithule. “ Kulezinsuku sibeka phambili abakhubazekile, inking ukuthi silekelela kanjani sisiza kanjani,” kusho uMnu Ayanda Mbele, we-I Matter Foundation, “ eqhuba ethi abakhubazekile abafuni ukuzwelwa. Uphinde wagxeka kakhulu isenzo sabelaphi bendabuko abathatha izngane ezimbili ezincane bathi, bayozithwasisa ngenhloso yokudla imali kamama wazo okhubazekile. Uphethe ngokuthi siyabakweleta abakhubazekile ngoba asibahambeli. “ Sinezinkinga ezinkulu thina abantu abakhubazekile,” kusho, uSihlalo we-Osizweni Disability. Uqhube wathi , thina esikhubazekile asisizakali eziteshini zamaphoyisa ngoba kumele sibambe ulayini omude futhi siyacwaswa. Uthe uma kufika umuntu okhubazekile ngokungakwazi ukukhuluma nokuzwa akakwazi ukusizakala ngoba emaphoyiseni akekho oqeqeshelwe ukuxhumana nabo , kanti namacala abo abucayi athinta ukudlwengulwa agcina echithiwe ngenxa yokuthi amaphoyisa awakwazi ukthatha isitatimende ebe umuntu edlwenguliwe. “ Amacala abakhubazekile ayachithwa ngoba amaphoyisa awakwazi ukuxhumana nabo athathe izitatimende,” esho. Uthe akuqashwe abantu abakhubazekile kuzo zonke izikhungo zikahulumeni. “ Sinokuthatheka kancane thina abakhubazekile. “Phambili ngomuntu okhubazekile Phambili”. Uthi imali eholwa umuntu okhubazekile ayenele yingakho kumele siqasheke ngeke wondle umndeni ngo-R2000, kanti okusiphatha kabi kakhulu wukuthi kuhlale kukhulunywa ngokuthi kuqashwe amaphesenti angaka abantu abakhubazekile okuyinto engekho. “ Kumele sivulelwe iminyango siqashwe, sisebenze nathi, singabantu nathi, ayiphume imisebenzi yabantu abakhubazekile,” esho, eqhuba ethi nani bantu abakhubazekile uma seniqashiwe sebenzani ngokuzimisela ngingavaleli abanye abasengaqashwa ngenhla yokungenzi kahle kwenu. Izikhulumi zonke ebezishiyelana inkundla bezikhala ngokuthi abantu abakhubazekile abakanikwa amalungelo abo abafanele.  Owe  Voice of the Deaf uNkk Philile Mkhize, uthe abakhubazekile abakhonjiswe ukuthi bayathandwa. Uthe akuvulwe indawo lapho kuzosebenza futhi kufundiswe abantu abakhubazekile ngamalungelo abo. Uqhube wathi kumele kufundiswe zonke izikhulu zikahulumeni ngezikhungo ezizofundisa nge Sign Langwage. (Centre for Sign Language). USekela Meya wase Newcastle uMnu Musa Team Sugar Thwala, uthe asenzeni sibabahloniphe abantu abakhubazekile. Uthi yena uma eyothula osonkontileka uyabatshela ukuthi silambe sonke nabakhubazekile nabo abaqashe ngoba ngeke uzondle ngalemali. Uqhube wathi okhubazekile angakundlula ngokomqondo, waphinde wathi yena welulekwa ngumuntu okhubazekile, ngakho konke. “ Ngathi mina akuqashwe wonke umuntu nabantu abakhubazekile bahole uR3000 hhayi labo R700 ababeholwa ngama EPWP,” kusho yena , eqhuba ethi, abantu abanganikwa amaphasela okudla kodwa banikwe amavawucha ukuze umuntu athenge ukudla okuzwana naye. Uqhube wathi yena ukubona kuyichilo lokhu okwenziwa abantu bakithi bakuhlaza bafuna ukukushutha ume phambi kwesijumbane abakuthengele sona. Uthe yena usengene emizini eminingi ayinambhede, ayinazitofu, uma unika umuntu lokudla uthi akupheke ngani. Uqhube wathi bahlonze imizi engu-68, kodwa yena uhambele engu-14, lapho athi wafika khona inqwaba yabantu abakhubazekile. Uthe abantu abakhubazekile ngeke baphile ngegrant. “ Ngikhuluma nje sekunemizi engu-3600 esengiyisizile ngezitofu , amaTV kanye nemibhede nokunye ,hhayi ngemali kamasipala kodwa ngeyami,”kusho yena, eqhuba ethi lokhu ukwenza ngenhloso yokubuyisela emphakathini. Uthe ayikho inhlangano ezokusiza, oyokusiza umuntu uqobo. “ Sesijube impi elwisana nobubha,” kusho yena, eqhuba ethi usize izingane ezingu-21 ngemali engu-R3500 ingane ngayinye ukuze zibhalise ezikhungweni zeMfundo ePhakeme. “ Ngizoletha izinto lapha esiteshini ezizosiza abahlwempu ikakhulukazi abakhubazekile,” esho. Uthe asiyekeni amagqubu,” kusho yena. Uthe umasipala uthola imali engu-R129 million ngenyanga ngokuqoqa intela, phecelezi amarates. “ Nithanda abafana kakhulu mantombazane akhubazekile, nibanike nakhadi enu okuhola,” kusho Nkk Mazibuko,woMnyango wezeNhlalakahle, Osizweni, ophinde wathi laba bafuna kungenelele bona uma laba abahlekisana nabo sebedle izimali zabo. Uthi laba abahlekisana nabo abangakhubazekile bathatha lemali bayoyidla nezintombi zabo ezikhabazekile, kanti nabesilisa ngokunjalo bathandana nezalukazi nabo bazinika amakhadi. Uqhube wathi izala kakhulu igenge ekhubazekile, kodwa siyanithanda. “ Asinalo igunya lokuyolanda amakhadi enisuke niwanike abathandiweyo benu thina abezenhlalakahle, kumele nicele usizo emaphoyiseni, ngoba silandela imithetho ethize .Ube esebegqugquzela ukuba bazibike izigameko zokuhlukunyezwa emakhaya okubalwa kuzo Gender based Violence. Ngifisa ukunikhuza ngokuthi anizibiki izenzo zokuhlukumezeka , niyashaywa, niphuchwa amakhadi,aninambhede, anidli kodwa niyahola. Okunye akuvezile ukuthi abanakho ukudla abasiza ngakho uma umuntu esavalelwe umholo. Nabaholi bendabuko abasalanga ngaphandle kulomhlangano obuhlabahlosile ngoba ubuhanjelwe ngobemele abaholi bendabuko uGogo Nkanyamba, okuchaze wathi kunezinto ezenzekalayo kubantu abakhubazekile kodwa asikwazi ukusiza ngoba asinawo amandla. Uthe sekukhona ubugebengu kubalaphi bendabuko ngoba bangena bethi bayakhanda imali.  Uqhube wathi ukuthwasisa abantu abakhubazekile kuyinto engalungile, ngoba le mali uhulumeni ubanikezele yona ukuthi bazondle ngayo hhayi ukuthi idliwe ngabalaphi bendabuko.Uthishanhloko wesikole sabakhubazekile uMnu Tom Banda, uthe isikole sabakhubazekile savulwa ngonyaka u-2000 , ngenholoso yokuqwashisa abazali ukuthi bangabafihli abantu abakhubazekile ngoba nabo bangabantu, kanti lesikole sasingasegesini. Uthe lesikole saqala ukufundisa abantwana abangu-51, manje sesinabantwana abevile ku-400. “ Sinayo yonke inhobo yabantu abakhubazekile abahamba ngezihlalo zamasondo, abathatha kancane emqondweni abenezifo zokuwo nabangakwazi nhlobo ukubhala nokubala futhi abangeke bakwazi ngesimo sokuzalwa. Uthe kukhona njena ophila impilo yabo bodwa. Ukugcizelekile ukuthi abantwana laba kumele banikwe uthando baphinde banikezwe namakhono.  Uthe sibanika amakhona afana nawe Computer, Creative Arts, Sewing, Agriculture, Woodwork kanye neWelding, bese asebephothulile lapha uma bengawutholi umsebenzi baye eVumanisabelo Protective Workshop. “ Siqashe abantwana abathathu, kanti baqashwe ngaphansi kohlelo lwe-SGB, okuyiyona ebaholelayo, kanti kukhona nabangu-30 abaqashiwe ngaphansi kolunye uhlelo kodwa bona bazohola R3000 ngenyanga,” esho. Uphinde wagxeka kakhulu isenzo esinziwa ngabazali bathathe imali yabantu abakhubazekile kuthengelwe izingane ezingakhubazekile izinto ezinhle kuthi umnikazi wemali angatholi lutho. Uqhube wathi zidlwengulwa njalo izingane ezikhubazekile esikoleni nasemakhaya kodwa azisizakali,. Uphinde wahlaba ikhwelo emaphoyiseni ukuba basondele esikoleni sakhe ngoba kunabantu abadayisela abakhubazekile izidakamizwa. Uphinde wanxusa ukuthi baxhaswe ngomufaniswano ngoba iningi lezingane alinawo, naye uhambe ezinyathelweni zezikhulumi ezinigi ebekhalaza ngokuthi abakhubazekile abaqashwa. Uphethe ngokuthi iviki neviki kunamacala athinta abafundi abakhubazekile abatholakala nezidakamizwa. Co-Ordinator we-CPF UMnu Sipho Zondi wethule isikhulumi esiqavile uMnu Lucas Sithole owazalwa engakhubazekile, ngenhloso yokukhombisa nokugqugquzela abakhubazekile ukuthi ayikho into engenzeki emhlabeni uma uzimisela. Uqhube wathi inhloso nqangi yabo ngoba besebenza emphakathini ukuthi wonke umuntu uyasizakala ingabe ukhubazekile noma awukhubazekanga. Uphethe ngokuthi kuenzeka uma uzimisele wabe esenikeza uMnu Lucas Sithole inkundla. UMnu Lucas Sithole utshele ozakwabo ukuthi akukho okungenzeki. Utshele izithameli zalomcimbi wokuqwashisa nokwakhana ukuthi impilo iyaqhubeka noma ukhubazekile, ukuthi yena wazalwa engakhubazekanga kodwa wangena engozini yesitimela eDannhauser eneminyaka engu-12, okusho ukuthi uneminyaka engu-26, avelelwa ingozi eyamshiya enganamlenze kanye nesandla, okwamanezna ukuba agcine ehamba ngesihlalo esinamasondo. Uthi wafunda esikoleni saseMadadeni esaibizwa ngeCripple Centre, kulesosikhathi, okwathi  ngonyaka u-2002 waqokwa ukuba ayomela elakulei eSingapore, kwiBasketball, kamti kuningi akuzuza lapho ngoba wake wadlala neRugby yabahamba ngezihlalo ezinamasondo, kwathi ngonyaka u-2008 wangena emincintiswaneni ehlonishwayo phecelezi professional, kanti futhi uthe ngonyaka u-2009 i-South Africa yasingatha umqhudelwano we-World Tennis Cup. “ Ngawina inkomishi yeTennis World Cup ePoland, ngabe sengigunyazwa ukuthi ngingangenela i-US Open, okwathi ngonyaka u-2014 ngawina Australian open, kanti futhi nginezindondo ezevile kwezingu-100, kodwa engizithanda kunazo zonke eye-US Open futhi engeke ngiyikhohlwe kanye neyokuhlonishwa ebizwa ngeKhamanga engayinikwa uMengameli wezwe. Uthe ezimidlalo ziwumukhakha wemisebenizi. Uphethe ngokuthi kumanje uqeda kubuya ukuyodlala e-Turkey.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

by Langelihle Chagwe
May 20, 2025
0
3

NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele. Ngihamba nobaba uDokotela...

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

by Langelihle Chagwe
May 13, 2025
0
3

SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama. Kubikwa ukuthi lesigameko...

Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma

by Langelihle Chagwe
April 15, 2025
0
3

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...

Izisebenzi zomphakathi zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo

Izisebenzi zomphakathi zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo

by Langelihle Chagwe
April 14, 2025
0
3

NGU CERNELINE Louw.Isithombe.SITHUNYELWE IZISEBENZI zomphakathi  (Community Workers),zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo futhi zisebenza emphakathi njengamavolontiya,” kusho uNksz Cerneline Louw osebenza  ehhovisini...

Recommended

Kusale  izigebengu ezintathu  enkundleni zitholene phezulu namaphoyisa ngenganono e-Nanda

I-The Africa Perspective ibonge ithuba lokuba inxenye ye-Dundee July

10 months ago
3
Bagixabezwe ngezicathulo abafundi abantulayo

UNgqongoshe usekiphe umyalelo othi akuhoxiswe ukumiswa kwephini lemenenja

9 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}