NGUMBALI wencwadi uNksz Neliswa Khoza. Kwesingezansi nguNeliswa Khoza kanye nabangani Izithombe.ZITHUNYELWE
OWESIFAZANE uNksz Neliswa Khoza useshicilele incwadi esihloko sithi ‘Vuka’ kanti le ncwadi iphume kuwo lonyaka esikuwo ngo ePhreli 2025, ekhuluma ngokubuyisa ithemba kuzakhamizi.
“Incwadi ibuyisa ithemba kubantu abalahlekelwe yilo , iyavuselela umphefumulo iphinde igqugquzele,” kusho uKhoza, eqhuba ethi le ncwadi ishicilelwe uMnuz Soweto Mandlanzi we Istru Publishers kanti futhi isiyadayiswa.
Uqhube wathi okwangenza ngithathe ipeni nephepha ngibhale le ncwadi ukuthi kuyangijabulisa kakhulu, ukusizakala komunye umuntu.
“Ngabona ukuthi njengoba ngase nginqobe izivivinyo eziningi angicobelele nabanye abantu ukuthi kumele benzenjani ukuze basizakale,” esho, eqhuba ethi ,okunye kwaba ngukuthi imiyalezo yezinkondlo zami yayingafinyeleli ebantwini abaningi, ngabona ukuthi ukubhala incwadi kuzokwenza izinkondlo zami zifinyelele kubantu abaningi.
Uthe incwadi ihlukene izigaba ezimbili, esokuqala isigaba uhambo lombhali no Nkulunkulu” kanti esesibili “izinkondlo.”
“UNeliswa intombazane ekhulele emakhaya endaweni yase Swatini, eBhamshela, KwaZulu-Natal,” kusho yena eqhuba ethi , ngiyathanda ukusiza abanye abantu njengoba sengize ngabhala le ncwadi ekhuluma ngokubuyisa ithemba kulabo , abebeselilahlile ngenxa yezinqinamba ezithize nokuthi noma ngabe zikhona izihibe obhekene nazo kodwa kumele konke ukubhekise kuNkulunkulu.
Uthe ikahle ngaqala ngokuhaya ngiphinde ngibhale izinkondlo engangihlose ngazo ukubuyisa ithemba kubantu.
Uthe ngafunda khona e-Bhamshela amabanga aphansi , ngagcina sengisebenza njengothishela esikoleni sendawo kwesinye engangifunda kuso Isikhulile Secondary.
“Ngiqale ukusebenza kulesi sikole Isikhulile ngonyaka u-2016 njengoba ngisebenza njengethishelakazi,” esho , eqhuba ethi, ngikhulele ekhaya elifudumele ngikhuliswa yibo bobabili abazali bami engizigqenyayo ngabo.
Uthe nginika isixazululo kumuntu othi uyahlukumezeka emsebenzini asebenza kuwo ngaphandle kwecala, ngiphinde ngimtshele ngisebenzisa yona incwadi ngimchazela ukuthi ngasinqoba kanjani mina leso simo.
“Ngiphinde ngikhulume nomuntu ohlaselwe ngumoya angawuthandi ukuze asizakale, kanti encwadini ngiphinde ngithi sikhona isixazululo nanoma ngabe ubhekene nenkinga enjani.
“Ngithi kuloyomuntu angazibulali njengoba akekho umuntu ophila ngephutha,” esho.
Uthe yonke le milayezo ngiyindlulisa ngokwethula ubufakazi mayelana nempilo yami nangezinkondlo eziqgugquzela izimo zempilo.
Uphinde wathi abantu kumele bazi ukuthi zikhona izixazululo kuphela nje uma bezimisele ngokufuna usizo.
Ayikangeni ezikoleni kodwa isifiso sami esikhulu ukuthi izinkondlo ezikuyo ngelinye ilanga zifundwe ezikoleni ngoba ziyagqugquzela futhi zibuyisa nethemba.
Uphethe ngokuthi incwadi itholakala kumbhali wayo uNeliswa Khoza ngokuxhumana naye ocingweni kwinombolo ethi 078 997 3624.

