NGU Aphiwe Mtshali owesifazane owenza ezibukwayo kwezolimo.
UBENGAKAZE acabange nangelilodwa nje ilanga ukuthi ukusebenza enkampanini yezokwakha kungatshala uthando lezolimo owesifazane osemncane waseMzinyathi osengusomabhizinisi ovelele kwezolimo. UNksz Aphiwe Mtshali oneminyaka ewu-34, waseNgubevu, eGreytown ,ongumnikazi weHlelakahle Farming, utshale udeda ngendlale wamasimu onamahektha awu-10 ,watshala ikabishi,isipinashi, green pepper nopelepele okumanje umkhiqizo wakho usewufakela izitolo ezinkulu okubalwa kuzo i-Boxer, Aheers noSpar. Kumanje uNksz Mtshali useqashe abantu abane ngokugcwele kube ngabangu-20 abaqasha ngesikhathi sokutshala nokuvuna.Echaza uNksz Mtshali, uthi leli bhizinisi uliqale engenalo ulwazi lwezolimo kwadingeka ukuthi abuze kwasebengaphambi kwakhe ukuthi kwenziwa kanjani. Ube esecela uyise ukuba amsize amthengele izithombo eziwu-4000 watshala. Uthi ngemuva kwalokhu akaphindanga wabheka emuva.UNksz Mtshali utshala kakhulu ugreen pepper njengoba athi yiwo omnikeza isivuno esihle sama-tonnes amabili kuya kwamathathu ngenyanga.Uthi yize kunjalo izitshalo zakhe uyazishintshashintsha ukugwema izinambuzane. Ibhizinisi likaNksz Mtshali njengamanye like laba nazo izingqinamba. Uthi ingqinamba enkulu ake abhekana nayo ngeyokuholela izisebenzi zakhe.“Izisebenzi uma kuphela inyanga zisuke zifuna ukuthola imihlomulo yazo okungakhathaleki ukuthi ibhizinisi lenza kahle noma lidonsa kanzima. Ngibonga uNkulunkulu ngoxhaso lukaR3.2 engiluthole kwa Agri Business Development Agency,”esho. Lolu xhaso lwenze kwalula ukuholela izisebenzi ngaphinda ngathenga nezinsiza kusebenza okubalwa ogandaganda, borehole, nemipheme esamatende engitshala kuyo ugreen pepper,” esho.Ibhizinisi likaNksz Mtshali likhombisa okukhulu ukudlondlobala. Uthi impumelelo yalo uyizuze ngokusebenza kanzima nokuphokophela phambili. UNksz Mtshali ugqugquzela abantu abasha abafuna ukungena emabhizinisini ezolimo ukuba babekezele.“Ebhizinisi lezolimo kudingeka umuntu obekezelayo ngoba awukwazi ukuqala manje bese uthola inzuzo ngakusasa kodwa kuba ibanga elide ngaphambi kokuba ubona inzuzo ,lokhu okudinga ukusebenza kanzima futhi ube nothando lomsebenzi,” kubeka uNksz Mtshali.UMeya wesiFunda uMzinyathi uMhlonishwa Petros Ngubane, uthi ukundlobalala kwebhizinisi likaNksz Mtshali kukhombisa ngokusobala ukuthi umuntu omusha akukho lapho enganqindeka khona uma ezimisela . “Sizohlala phansi nophiko lwethu olulekelela amabhizinisi sibone ukuthi singamsiza kanjani njengoba ezimisele ngokungena nasekufuyeni izimbuzi. Abantu abasha sesiyisonga inyanga yabo mabafunde ukuzakha nokuzenzele bangalindeli ukuhlale bekhangenza njalo bafunde kuNksz Mtshali nakwabanye osomabhizinisi ababeka uMzinyathi ebalazweni,” kusho uMhlonishwa Meya Ngubane.