KUHLATSHWE ikhwelo emphakathini, kothishanhloko, izigungu zezemfundo (SGB’s) kanye nasemaphoyiseni ukuthi bafake iso ezikolweni ukuze zingagqekezwa noma ziphenduke indawo yokudlalela izigebengu njengoba zizovalela amaholidi kancibijane. Leli khwelo lihlatshwe nguNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, ngelendlule, othe bayakhathazeka kakhulu njalo uma izikole zizovalwa ngoba , ziyagqekezwa kuntshontshwe izinsiza kufunda ezifana namakhomphutha nokunye okubalulekile , kuphunde kuntshontshwe nenqalasizinda ezifana nezigubhu zikagesi. Uthe ngenkathi zivaliwe ziphenduka izinkundla zezigebengu. Uqhube wathi ngokwesiGaba 20 (Section 20), we South African Schools Act sigunyaza ukuthi i-Isigungu esingamele izikole (School Governing Bodies), ukuba baqinisekise ukuthi impahla yesikole, izakhiwe, amahositela, bathathe isinqumo esinqala ukuthi lezimpahla ziyavikelwa. Uphinde wakhala kakhulu ngokuthi kumele kuqikelelwe ukuthi ukucekelwa phansi kwempahla kuyavikeleka ngoba izimali zokulungisa inqalasizinda azikho, engabe kuqhutshekelwa phambili kwenziwe okunye kulungiswe izikole, ezicekelwe phansi abantuntu ngamabomu. “ Izikole ezenu futhi zakhelwe izingane zenu ziphatheni njengezikhali zamaNtungwa,” esho. Uqhube wathi oThishanhloko, isigungu esibhekelele isikole, Community Safety and Liaison kanye namaphoyisa bayiqikelela ukuthi bayapatrola njalo ebusuku ngaphandle kwezikole ukuze baqinisekise ukuthi azigqekezwa futhi azicekelwa phansi futhi. “ Sinxusa imiphakathi ukuthi isisize ifake iso izibheke izikole njengoba kuzovalwa. Siyakhathazeka njalo uma kumele kuvalwe isikhathi eside ngoba sibuya sekonakele.” Uthe ukubambisana phakathi kwalezinhlaka ezibalulwe ngenhla ikhona okuzosiza kule nkinga ababhekene nazo ngoba akuzona zonke izikole ezinonogada. “ Ngamaholidi ikakhulu kaDisemba, sibuya sekwagqekezwa kwathathwa izinto eziningi, akuvikelwe impahla yezingane ukuze ngonyaka ozayo zikwazi ukuthola izinsiza ezishiywe abanye abafundi,” esho, eqhuba ethi kuhlale kukhalwa ngobugebengu obuhlasela ezinye zezikole njengoba naKwaZulu-Natal, uNgqongqoshe Frazer, ukhala ngokugqekezwa kwezikole. “ Izikole zigqekezwa kwebiwe amakhompuyutha nezinye izinsiza zokufunada,” kusho yena , eqhuba ethi, kwesinye iskhathi kuze kwebiwe ukudla okuphekelwa abafundi kanjalo namabhodwe okuphekwa ngawo. Umnyango usebenzisana namaphoyisa endawo ukuqapha izikole. Umnyango kazwelonke ubuye wanxusa abazali ukuthi baqikelele ukuthi abafundi babuyisa izincwadi. Uqhube wathi nabaholi babafundi kumele baqikelele ukuthi nabo babamba iqhaza elikhulu ekuvikeleni izikole. Uthe uhlaka oluhola abafundi kanye nesigungu esibhekelele izikole kumele baqinisekise ukuthi uma bebona impahla okusolakala ukuthi intshontshiwe babikele amaphoyisa. Uphethe ngokuthi lezinhlaka kumele zigqamuke namasu okuvikela izikole kanye nempahla.