NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba amathimba ezezinhlekelele asemi ngomumo.
Uthe esitatimendeni , sikwenza lokhu emva kokuba abezangoma zezulu phecelezi South African Weather Service (SAWS), beqagule izimvula ezinamandla ezikusigaba sesihlanu (Level 5), okulindeleke ukuba zihlasele koMasipala uMdoni, eThekwini, uMkhambathini, Ray Nkonyeni kanye naseMzumbe.
“ Kulindeleke izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu kulabomasipala asebebalulwe ngenhla,” kusho uMfu Buthelezi esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni lokhu kungadala ukulimala kwenqalasizinda efana nemigwaqo njengoba zivele seziyimoshile imigwaqo eThekwini.
Kuphinde kwavela ukuthi izangoma zezulu seziqagule isimo sezulu esingesihle ezizosabalala isiFundazwe saKwaZulu-Natal.
UMfu Buthelezi ube esenxusa zonke izakhamizi ezihlala ezindaweni ezimazansi futhi abahlala ngasosebeni lo mfula ukuba bakhuphukele ezindaweni eziphakeme futhi eziphephile.
Uphinde wanxusa izakhamizi ukuba zigweme ukuthatha uhambo olungenasidingo futhi baqinisekise ukuba bahlale ezindlini.
“Thina siyanxusa ukuba abantu bazilalele izexwayiso ukuze bagweme ubungozi obungagcine bundlule nemiphefumulo yabantu abaningi,” kusho uMfu Buthelezi esitatimendeni, eqhuba ethi ukuphepha kwezakhamizi bakubona kubalulekile kakhulu.
Uqhube wathi esitatimendeni , abezezinhlekelele bame ngomumo ekuqapheni isimo.
Ube esenxusa izakhamizi ukuba ziphephe ngokukhuphukela ezindaweni eziphakeme neziphephile, zigweme ukuthatha uhambo olungenasidingo, bahlale ezindlini, babheke izexwayiso zezimvula ezinamandla.
Uqhube wathi kumele izakhamizi ukuba zigweme ukuwela imifula uma ingenisa futhi line kakhulu kanye nokuwela emabhulohweni aphansi futhi abangazi noma asekhona noma asgugulekile.
Uphethe ngokuthi abantu abaqinisekise ukuthi bathinta ababhekelele ezezinhlekelele uma kukhona isidingo esiphuthumayo.