NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , uMfu Thulasizwe Buthelezi
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uzohola ithimba likahulumeni wesifundazwe elizolibhekisa amabombo esigodini sasoNyango, KwaNongoma, esikhungathwe yimpi esidlule nemiphefumulo eminingi yabantu abanganacala.
UMfu Buthelezi uzobe ehambisana naboMnyango wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi ngenhloso yokuyohlangana nezakhamizi zakule ndawo yasoNyango, namuhla ngoMsombuluko, ukuze kuqhanyukwe nesisombululo empini eqhubekayo esidlule nemiphefumulo eminingi.
“Sibone kufanele singenelele siyohlongana nezakhamizi zakule ndawo ngenhloso yokuphuma nesixazululo ekufeni kwabantu ngoba kunale mpi. Liyaqhubeka liyaphalala igazi kule ndawo, kodwa asazi nathi ukuthi yini edala le mpi, okuyingakho sihlele ukuhambela kule ndawo.
Sizohlanganela enkundleni yezemidlalo, KwaMusi Sports Ground, ngaphansi kukaMasipala waKwaNongoma ngoMsombuluko (namuhla) ngo-10 ekuseni ukuze sizame ukuphuma nesisombululo esizoxazulula le mpi esidlule nemiphefumulo eminingi yabantu abangenacala,” kusho uMfu Buthelezi, okugcizelele ukuthi abezindaba bamenyiwe ukuba yingxenye yalo mhlangano.