BAKHALELWE ngamasongo kaS’Gonyela abasolwa abathathu abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi abasolwa abaneminyaka ewu-24 kuya kwengu-60, baboshwe ngamaphoyisa aseNewcastle ophiko lwe Newcastle Public Order Police (POP), endaweni yaseMazabeko, ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa aseNhlanhleni. Okhulumela amaphoyisa akwisiFunda Umzinyathi,eDundee, uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kuboshwe abasolwa abane emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eMazabeko. Uqhube wathi amaphoyisa ebeyofuna umsolwa obesolwa ngecala lokubulala ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa esesibalulwe ngenhla, ngenkathi amaphoyisa egasela kulendawo abeyalelwe ukuthi umsolwa ungakhona awamtholanga , kodwa abe esethola abasolwa ababili abebephethe izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. “ Amaphoyisa abe eseya kwenye indawo lapho bekukhona omunye umsolwa abamthungathayo afice abopha umsolwa otholakale nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-pistol kanye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni. Uphethe ngokuthi ngokuthi bonke laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi waseMsinga bebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...