ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa.
KUBEKEKA ziziningi izibhamu ezingekho emthethweni esiFundeni saseMzinyathi. Lokhu kulandelwa ukuthi iviki neviki kushaqwa izibhamu kubasolwa , ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Esigamekweni sakamuva nje amaphoyisa oPhiko lwezobuNhloli libophe abasolwa ababili abaneminyaka ewu-20 newu-28, emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni eNgome, eGreytiwn. Kuvelile ukuthi laba basolwa baboshwe uPhiko lwe-National Intervention Operation Deployment , olutshalwe esifundazweni saKwaZulu-Natal, ngenhloso yokuwlisana nezibhamu ezingekho emthethweni kanti okunye babelethelwe ukuthi baqaphe udlame okwakusolakala ngathi lungahle lubheduke ngaphambi kokhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe. Izolo ngoLwesihlanu mhlaka 21 June 2022, loluphiko oselubalulwe ngenhla lulunywe indleve yokuthi kunabasolwa ababili abahlome ngezibhamu, kanti bekusolakala ukuthi bayizinkabi eGoli. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi Uconst Siyabonga Nkwanyana uthe amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi kunabasolwa ababili abasolwa ngokuba zinkabi abahlome ngezibhamu. Uthe ngenkathi amaphoyisa egasela kwenye yezindawo afice umsolwa oyedwa ephethe isibhamu sohlobo lwe-R1 rifle, nepistol kanye nesibhamu somoya (airgun), konke lokhu bekungenazincwadi ezimgunyaza ukuba aziphathe. Ube esethathwa eyogcinwa esiteshini smaphoyisa aseGreytown. “ Ngenkathi amaphoyisa eqhubeka nomkhankaso wawo aphinde aya khona endaweni lapho ebeyalelwe ukuthi kukhona omunye naye ophethe isibhamu esingekho emthethweni. Kuvelile ukuthi athe uma egasela kuleyondawo amfica umsolwa ephethe isibhamu sohlobo lwepistol esingekho emthethweni, wabe eseyaboshwa eseboshwa khona manjalo. Kuphinde kwavela ukuthi lomsolwa ubengaphandle ngebheyili ngakho ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhalmvu, elenzeka March 2024, naye ubeseboshwa kanti ugcinwe esitokisini samaphoyisa saseGreytown. Bobabili laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi waseGreytown, maduzane bebhekene nawo lamacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.