NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
SEKUSELE izinsuku eziyikhulu (100) , ukuze ziqale izivivinyo zokuphela konyaka zikamatric.
UNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni, sekusele izinsuku ezingu-100 ukuze kuqale izivivinyo zokuphela konyaka zikamatric phecelezi 2025 National Senior Certificate Examinations (NSC).
Uthe esitatimendeni , lokhu kukhombise ibanga eselihanjwe ngabafundi bakamatric kulonyaka.
Uqhube wathi esitatimendeni , izivivinyo zokuphela konyaka zikamatric zizoqala mhlaka 21 Okthoba 2025 kanti futhi lokhu kuchaza ukuthi abafundi sebehlale esikoleni iminyaka eyishumi nambili (12), njengoba kulindeleke ukuba abanye baphume bayofuna imisebeniz abanye baye ezikhungweni zemfundo ePhakeme.
“ KwaZulu-Natal ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatric bangu-173 584 futhi kuzoqalwa ukubhala iphepha le Computer Applications Tech P1, ekuseni kulesiFunda kanye nasesiFundazweni sase Eastern Cape bona abazobhala ulimu lwakhona lwesiXhosa.
“Ngiyethemba ukuthi abafundi bathole ithuba elanele lokufunda ikakhulukazi laba abathole lethuba lokufunda njengoba kungamaholide asebusika,” kusho uHlomuka.
Uthe esitatimendeni , izifundo zasebusika ziphothulwe mhlaka 11 Julayi 2025.
Uphinde wanxusa abafundi ukuba baqinisekise ukuthi bayawabheka amathiphi okutadisha.
Uthe esitatimendeni, abafundi kumele bazikhandele isikhathi sabo sokufunda (time table), ukuze bakwazi ukusikala isikhathi sokufunda , bangafundi uma sebekhathele.
Uphinde wanxusa abafundi ukuthi bangabe besabheka emuva kodwa bafunde ngokukhulu ukuzimisela.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, indlela eya empumelelweni ayilula kodwa ukuzimisela okubalulekile.