UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe bengumnyango sebengenelele kuMasipala uMdoni ngenhloso yokuthi kuhanjiswe izidingo emphakathini. Uqhube wathi ukungenelela kwakho kuhloswe ngakho ukuphuthumisa izidingo kubanto ezibonakala zihamba ngelonwabu kulomasipala osubalulwe ngenhla kanti futhi uthe bona njengomnyango bazibophezela ekutheni bazosebenzela umphakathi. “ Sihlanganile namakhansela akulomasipala ngonhlso yokuwuchazela ngesinqumo sokuthi sesiyangenelela kulomasipala okhungathwe sinkinga sisebenzisa umthetho olawula omasipala isigaba somthetho uSection 154 (1), wokuthi kulekelelwe omasipala abangenzi kahle. Uqhube wathi onguchwepheshe wezokulawulwa komasipala KwaZulu-Natal, uMnu Dhanpalan Devaraj nguyena oqokelwe ekusizeni lomasipala ngoba enesipiliyoni seminyaka ewu- 30 enza lomsebenzi, kanti futhi wake waba nguMenenja kuMkhandlu wesiFunda Ugu iminyaka ewu-8 , waphinde wasebenza ngengoMenenja iminyaka kuwo lomasipala waseMdoni iminyaka ewu-8. Kubhekeleke ukuba alethe uzinzo kulomasipala. Uthe ngesipiliyoni anaso komasipala uzolekelela kakhulu ekulethweni kozinzo kuphinde kuhanjiswe izidingonqangi kwizakhamuzi ezakhele lomasipala okucacayo ukuthi uzoguqa ngedolo uma kungangenelelwa. Uqhube wathi ilokho abakhokhi bentela abafisa ukukubona kwenzeka. “ UMnu Dhapalan uzolekelela kakhulu ekutakulweni kwalomasipala. Uphethe ngokuthi isimemezelo sokungenelela kutakulwe kwemukelwe ngamakhansela amele amaqembu awo kulomasipala, athembise ukuthi azosebenzisana kahle kakhulu nalona oqokiwe.