SEKUPHELE izinyanga eziwu-18, uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke ashonelwe undodona wakhe omdala kanye nizihlobo zakhe eziwu-6 , engozini enyantisa igazi, eyenzeka emgwaqeni u-N11, uCelumusa Ngwenya, ugwetshwe iminyaka ewu-10 , bhadla ejele iNkantolo yesiFunda yaseLadysmith, ngelendlule. UNgwenya ugwetshwe iminyaka ewu-yinkantolo ebigcwele phama kanti ngoNgqongqoshe wezokuThutha kuZwelonke uSindiswa Chikunga ubekhona nenkathi egwetshwa ngecala lokubulala ngokungenhloso uNgwenya. UChikunga utshele abezindaba ukuthi uyasemukela isigwebe esinikezwe uNgwenya kodwa wathi ngeke ibuye indodana yakhe kanye nezihlobo ezaswelakala mhla kwehla lengozi. Uthe lengozi yandlula emhlabeni nendodana yakhe endala, unkosikazi wayo kanye nabantwana abawu-4, okungabazukulu ngonyaka u-2022. Lokhu ukusho emva kokuba kuphume isigwebo, wathi umthetho uyodlalile indima yawo, nokho kungeke kuyibuyise imiphefumulo yabantwana abenekusasa eligqakazile. UMantshi weNkantlo yaseLadysmith u-El Louw, uthe umgwebe uNgwenya njengoba ebuke ubucayi becala, kanti futhi leli cala lihehe izakhamuzi eziningi, ngaphambi kokukhipha isigwebo. Kuvelile ukuthi uNgwenya unomlenze owodwa wangakwesokudla owanqanyulwa ngo-2018, ngenkathi embandakanyeka engozini yemoto, wabe esethenga iveni emva kokuba i-Road accident Fund imxephezele ngemali ewu-R1.8million, ngo-2022. “ Ngaphambi kokuba kwehle lengozi eyandlula nemiphefumulo yomndeni kangqongqoshe , uNgwenya wabe efake isicelo sezincwadi zokushayela izimoto ezinkulu okubalwa kuzo amaloli. Lezi zincwadi wazithola e-Randburg Driving Licence Testing Centre, kodwa azange anikezwe izincwadi zokushayela izimoto ezinkulu,wanikezelwa izincwadi zokuba ashayele izimoto ezincane,” kuveza inkantolo. Iqhube yathi lokhu kwenzeka ezinyangeni eziwu-4, ngaphambi kokuba kwehle lengozi. UMansthi uthe lokunikezelwe kwezincwadi kukaNgwenya kuyindida futhi i-Road Traffic Managemen Corporation (RMTC), kumele iphenye ngalokhu ukuthi wanikwa kanjani izincwadi. Kuphinde kwavela ukuthi uNgwenya wabe eshayela budedengu kakhulu , ngalolo suku lwesigameko esashiya abantu abawu-6, beshonile. Ubufakazi obuvezwe yinkantolo ukuthi uNgwenya wabe ehamba ngejubane eliphezulu eliwu-153km, ngehora, futhi esebenzisa unyawo langokwesinxele ngoba lolu olunye lwanqamuka, futhi esebenzisa unyawo lokufakelwa (prosthetic). Kwakungekho sizathu esiohuthumayo esasingenza ukuba ahambe ngalelajubane , ngoba izingane zakhe zabe zisekhaya. U-Advocate Makhosini Msibi ,oyisiKhulu esiphezulu ku-RMTC, ukuvezile ngenkathi ethula ubufakazi ukuthi ,izingozi zidla umnyango imali ewu-R198billion, ngonyaka. Uqhube wathi lapho okwenzeke khona ingozi, zihlala zenzeka futhi zindlula nemiphefumulo yabantu, kanti futhi leyandawo ziyahlonzwa njengendawo yezingozi.. Uthe uNgwenya akazange azame imizamo yokuma noma ukunciphisa ijubane, ngaphambi kwengozi, kanti nalaba abahlola izimoto emva kwengozi , bakuqinisekisa ukuthi wabe ehamba ngejubane eliphezulu, kusho ukuthi noma ingozi isiyenzekile kodwa yabe isahamba, amasondo esadraya. UAdvocate Msibi uphethe ngokuthi abe RMTC , bayaphenya ukuthi uNgwenya wanikwa kanjani izincwadi zokushayela, kuphenywa futhi naloyo owamnikeza , ukuze azobhekana nengalo yomthetho. UMantshi ube eseyikhansela ilayisensi kaNgwenya.