SEKUSELE izinsuku eziwu-33, ukuba kubhalwe izivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka. UNgqongqoshe wezeMfundo UMnu Sipho Hlomuka uthe abafundi abaqinisekise ukuthi bafunda ngokuzinikela okukhulu kunakuqala. Uphinde wanxusa nabazali ukuba bangasabaniki nemisebenzi engabaphazamisa ukuba bagxile ezifundweni zabo. Lezivivinyo zoqala ngomhlaka 21 October 2024, lapho abafundi bezobe bebhala iphepha lesiNgisi (English P3), ngo 9 ekuseni kanti bazobe bebhalela i-National Senior Certificate (NSC). Uphethe ngokufisela abafundi ukuba baphumelele ezivivinyweni zabo.
Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi
KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...