NDUDOKOTELA Vusi Shongwe.Isithombe. SITHUNYELWE
AYIKHO into eletha ukuthula engqondweni njengokubhala kanye nokuphawula ngegunya
lokuqonda nokukhanyiseleka ngalokho umuntu afisa ukukudlulisa. Namhlanje ngivuka
nomqondo othi icala laseNdlunkulu ebelilalelwa ngesonto elendlule lisishiye nezifundiso ezithile ezibalulekile okufanele kwenziwe okuthize ngazo ukuvimbela indlunkulu ingazitholi futhi
ngokuzayo isihuduleka isiya enkantolo ukuyoxazulula umbango wesihlalo sobukhosi.
Ngikholwa ukuthi bambalwa abangangiphikisa ukuthi kunendawo empunga ( grey area), noma
yokungacaci ngokuphelele ukuthi mayelana nokuthi onjani, iziphi izizathu, ezigcina zikhomba okhonjwayo ukuthi kube uyena okufanele abe iSilo. Ngamafuphi, iNdlunkulu inenselelo yokuqopha phansi zonke izinhlelo kanye nezinkambiso ezihambelana namasiko onhloso yazo ukuhlonza noma ukukhomba okufanele angene esihlalweni sobukhosi.
Ngolwimi olujwayelekile, lapha ngikhuluma ngemidanti okufanele iqukathwe ibhukana
laseNdlunkulu elifanele kuboniswane ngalo eMsamo uma kudingidwa udaba la lowo ofanele
angene esihlalweni sobukhosi. Ngiyafisa ukuchoma uMntwana uZeblon wakaMandlakazi uphaphe legwalagwala ngomnikelo asewenzile ebhala ngomlando waseNdlunkulu. Cishe uma ngingaphosisi iminyaka ingaphezu kweminyaka engamashumi amathathu ewa evuka oweSilo, ecwaninga, ebhala ngomlando waseNdlunkulu. Angiqondile ukuphawula ngecala kwazise izazi
zomthetho zizongikhumbuza ngomgomo obizwa ngokuthi “sub judicare” okusho udaba lwecala lusengaphansi kokucutshungulwa kwenkantolo. Engifisa ukukuphawula ngidlula ukubaluleka kwemibhalo kaMntwana uZeblon eyazwakala icaphunwa enkantolo.
Inselelo manje enkulu ukuya phambili ukubhala ngokubonisana nezingwevu zaseNdlunkulu ibhuku elizoba umthethonqubo kanye nomthethosisekelo ohambisana nezinkambiso, izinhlelo kanye namasiko okuhlonza noma ukukhomba lowe ofanele ukuba abe uNomthebe weSizwe.
Kunephuzu elihambisana nakho ukubhala izinhlelo zokungena esihlalweni sobukhosi engifisa ukuphawula ngalo. Bayoxola abeSilo uma kwabanye lingeke lihlale kahle. Ngifisa ukuphawula ngaleliphuzu ngoba uma kukhona ingcindezi eyayinganginiki ukuphumula ngesikhathi ngiyinhloko yomnyango wezaseNdlunkulu, yileliphuzu. Lapha ngikhuluma isiqumbi somongo (core group), noma indlu noma izindlu ezifanele ngokwenqubo yesiko zingamele izindaba
zaseNdlunkulu, hhayi lothela wayeka engiwubona wenzeka njengamanje. Kuyangithusa futhi kuyangidida mina engibona kwenzeka ngaphambi kwamehlo ami noma ngingelutho. Ngiyashaqeka uma ngibona noma ubani eNdlunkulu kaZulu kungakhathelekile ukuthi uqhamuka endlini efanele nemgunyazayo noma cha ukukhuluma izindaba ezibucayi zaseNdlunkulu. Abantwana sebakhohliwe yini ukuthi kunezindlu ezijutshwe isiko lokukhuluma amagunundu aseNdlunkulu hhayi lembizo engiyibonayo yabantwana ezithola ikhuluma izinto inqubomgomo namasiko aseNdlunkulu engabavumeli. Yebo lukhona uqhekeko eNdlunkulu kodwa iqiniso lithi enye yezizathu ezidala uqhekeko ukugxambukela abantwana abathile ezingxoxweni ezingabafaki.Ngiseyinhloko yomnyango wezaseNdlunkulu, ngahlangabezana nenselelo yokuthi
ngithathise kuMdlokombane ukuthi ngempela ngempela obani kubantwana abangabalwa njenge-“core group” ekuphatheni kukaMdlokombane. Uhulumeni wawubuza lo mbuzo ngoba efuna ukuchazeleka kahle okwakuzosiza ekuhleleni isabelomali. Sengingamhlebela umfundi ngoba
ngiyamthanda. Empeleni uHulumeni wayeshaya mina. Kukhona isikhathi lapho kwaphoqeleka ukuba ithimba la bantwana elaliphelezela iNgonyama libe ihaba. Empeleni iNgonyama yaphelezelwa abantwana ababeyikhulu neshumi nesishagalombili. Umfundi usengazicabangela ukuthi zashaya kangakanani izindleko. Izindleko zokuthutha kanye nokubhukha ezindaweni zokulala. Sekungumlando ukuthi ngabacela abantwana ukuthi bangalokothi bakusebenzise okwakuseziqandisini(fridges), ezindlini zabo zokulala. Sekungumlando ukuthi abantwana babhubhisa konke okwakuseziqandisini. Sakhala sazwela isiswebhu kimi. Inhlangano i-DA ifuna ngiboshwe. Ukube wayengekho uNdunankulu uNdebele nomphathi wezimali ngalesosikhathi,
uDokotela Zweli Mkhize, kwakuyophela ngami. Bema nami kunzima oMazalankosi
noKhabazela. Kwakushisa nina beSilo.Lagcina ngokuncishiswa ithimba la bantwana
elaliphelezela iNgonyama emsebenzini wayo weSizwe. Nanamhlanje ngiyahlangana nabanye abantwana bazikhalele ukuthi bagcina ukulala ehhotela kusaphethe mina. Ngivele ngihleke kodwa ngingakhohlwa ukubakhumbuza ukuthi bacishe bangilahlekisela ngomsebenzi ngokubhubhisa okwakuseziqandisini. Emva kwalesigameko seziqandisi yabakhona
ingcindezi yokwehlisa uhla (list) )le- core group yomndeni kaMdlokombane. Ngiyafisa ukuncoma ukuthi, ukuya phambili, abantwana abaqikelele ukuthi futhi bakhumbuzane ukuthi kunabantwana nezindlu okufanele zihambe phambili ekungameleni izindaba zaseNdlunkulu.
Lokuhlukana kwabantwana noma ukuhlukana kweNdlunkulu kaZulu, kungifikisela ngezinyembezi. Iqiniso lithi noma abantwana bayathanda noma abathandi, ikhona iNdlu
kaBhusha enabantwana abafana noMntwana uMbonisi engisebenze naye kakhulu
ngesikhathi sikaMdlokombane. Noma ngabe ngokwezimvo zakhe nangokucabanga kwakhe
uMntwana uMbonisi nabakwabo bangaboni ngaso linye nokuhlala esihlalweni kweNdlulamithi, lokho akumuphuci amalungelo akhe nabafowabo ukuba yindlu okufanele ingamele izindaba zaseNdlunkulu.Yingakho ngithandaza ukuthi nanoma isinqumo senkantolo sivuna bani,
njengomunye oshile esebenzela ubukhosi, ngiyanxusa nina beSilo ukuthi akuyiwe
emsamo, akuyiwe eNdlovini, akuyiwe kwaGogo kuyokhumelana umlotha. Ngiyaphinda, noma
ngabe isiphi isinqumo esizokhishwa inkantolo, sesifikile isikhathi sokuthi iNdlunkulu kaZulu
ikhulume ngezwi elilodwa. Ngingu- Shongwe, akungijabulisi engikubona kwenzeka. Ngiyithanda iNdlulamithi njengoba ngithanda uMntwana uMbonisi. Inhlonipho iNdlulamithi nothando enginikeza yona iyawathoba amanxeba okusebenza kanzima engakwenza ukubeka ukuphatha kukaMdlokombane esicongweni sentaba.Bazamile abathile ukufaka unyawo lwemfene phakathi kwami neNdlulamithi bahluleka. Indlulamithi iyaqonda ukuthi ngingumuntu
ongathandi ukugqokisa iqiniso ngebhantshi lamanga, ngimemeze ngithi Bayede! Kodwa ngibe ngibona ukuthi iNgonyama isengcupheni yokukhalakatheka emaweni. Ngiyaphinda. Uma iNdlulamithi isesihlalweni siyadinga njengesizwe ukuyixhasa kuthi lapho ingenzi kahle khona sijube izimpunga esizweni ukuba ziyokwenza lokho okwenziwa uNoGala kaNodade ngesikhathi seLembe. Ngeshwa azisekho izimpunga ezinesibindi. Ezikhona yilezo ezingivusa ekuseni zithi kodwa Shongwe awucabangi ukuhoxisa okuthile okubhalile. Ngiphendule ngenkulu inhlonipho ukuthi, kunokuthi ngihoxise, ngizongeza kulokho engikubhalile.
Kanjalo, inhlonipho nothando engiluthola kuMntwana uMbonisi nabafowabo luyamangalisa. Umntwana uMbonisi ngokumazi kwami uyindoda eqotho eyayimthanda kakhulu umfowabo.
Sekungumlando ukuthi uNdunankulu uNdebele wenza umnikelo wokuthi aqashe umntwana
uMbonisi emnyangweni azoba seduzane noMdlokombane. Ngeke Mageba ngisitshele isizwe ukuthi uma sekushisa kakhulu, wawuvele uhlushwe inetwork.
Hhayi kabi, ngiyaphawula nokho ukuthi cishe u-99.5% wabantwana abahamba phambili ekungameleni izindaba zaseNdlunkulu njengamanje babengabonwa ngesikhathi sikaMdlokombane. Isizathu salokho ukuthi sasikhona isithombe futhi sicacile ukuthi ngokubusa kukaMdlokombane iyiphi indlu nabantwana ababengamele izindaba zaseNdlunkulu. Kosiza nina beSilo ukuthi sikhumbuzane ukuthi noma ngabe isimo sinjani eNdlunkulu, basasekhona oNdlunkulu uGwabini, uNtombela, basasekhona, oMntwana uFihlinqindi onobuchopho obukhaliphile, kanye noMntwana uZeblon, ongakhulumi kakhulu kodwa imisebenzi yakhe ekhulumayo. Basasekhona oNdlunkulu bakaMdlokombane okulindeleke kukhulu kubo.
Ngigcine ngokuthi asasekhona wonke amazinyane kaMdlokombane mina njengoShongwe okumphatha kabuhlungu ukubonakala engehlangene. Ngiyaphinda.Isihlalo sobukhosi bukaZulu sinobungcwele baso. Yisona esizoxazulula izinkinga. Ikhona inhlansi yokuthi sesiqalile ukuzihlanza sona. Ukuzikhuculula sona. Sesiqalile indlela eyaphambili eNdlunkulu siyikhomba kwagogo, emsamo. Useqalile uMdlokombane ukwenza ayedume ngakho ngesikhathi engaphakathi kwethu ngokwenyama. Ngikhuluma ngokuthandaza. Namhlanje ekuseni
siyakhunjuzwa ngomthandazo uMdlokombane asishiyela wona. Akahlali engakhanyisi lapho kumnyama khona uNkulunkulu.
Isikhathi sokukhanya sesifikile eNdlunkulu. Lesosikhathi yimanje. Mangiphethe ngokuthi zimbili izigigaba lapho ngaba neshwa lokubona umholi ovelele njengoMdlokomba ekhala, zehla izinyembezi. Ngizophawula ngesisodwa isigigaba. Lesi esinye siyinxenye engiyohamba naso uma sengibekwa endlini yami yokugcina. Hhayi ngoba ngibalulekile, kodwa abalaziyo iqiniso
bayawazi umnikelo engawenza owawuhambisana nokumthanda uMdlokombane. Kuzokhumbuleka ukuthi kwake kwabakhona ikhomishani eyayibizwa ngokuthi iKhomishani
KaNhlapho. Lekhomishani yayicubungula izikhalo zalabo ababethi nabo bayiZilo. Sekungumlando ukuthi isinqumo seKhomishani kaNhlapho sathi iyodwa iNgonyama kwaZulu, iSilo uZwelithini kaBhekuzulu. Inikezwa umbiko weKhomishani, zehla izinyembezi kuMdlokombane, njengoba zehla nakimi njengoba ngibhala. Osesihlalweni njengamanje iNdlulamithi.Njengesizwe silindeleke ukuthi siyifukamele kuhle kwesikhukhukazi sifukamele
amatshwele aso. Lapho sixhugela khona, silindeleke ukuthi sibe udondolo lwaso. Ngiyafisa ukuwaphinda amazwi aphawulwa iNgwenyama yesizwe saMaswati ukuthi ukukhonjwa ukuthi ube iSilo kufana nokubulawa. Kungumsebenzi obucayi odinga ukwesekwa kuwo. Elinye lamaphutha okufanele singalenzi ukuqhathanisa iNdlulamithi kanye noMdlokombane. Yebo
zinkulu izicathulo uMdlokombane azishiyele iNdlulamithi. Kofanele abanye bethu benze umnikelo wokuthi kugcine sekuhambeka kahle ngalezozicathulo uMdlokombane azishiyele
iNdlulamithi.Sengathi izinyanya zobukhosi zingakubuyisa ukuzwana kanye nobumbano eNdlunkulu kaZulu.
Dokotela Vusi Shongwe
EMGUNGUNDLOVU