ZIKHALI eziqashwe ngenkathi kuqiniswa ezokuphepha ngoGood.
BEZIQINISIWE ezokuphepha ngamaholidi kaGood esifundeni Umzinyathi futhi lokhu kuthele izithelo ezinhle! Lokhu kulandelwa ukuthi amaphoyisa alesifunda esesibalulwe ngenhla ekwazile ukubopha izigebengu aphinda ashaqa izibhamu ezingekho emthethweni, izikhali eziyingozi, ukuvalwa kwamashibhi angekho emthethweni kanye nokubopha abasolwa abaziwayo abebefunwa ngamacala ahlukahlukene.” Ezinsukwini ezine ezedlule sishaqe izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu,” kusho okhulumela isifunda esesibalulwe ngenhla , uConst Siyabonga Nkwanyana. Uthe esigamekweni sokuqala babophe eNquthu, edolobheni lakhona , lapho bebenezivimba mgwaqo baphinde baseshe. Uqhube wathi kulesigameko babophe umsolwa oneminyaka ewu-33, emva kokuba beseshe imoto yakhe bathola isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uthe lomsolwa utholakale nesibhamu sohlobo lwe .38 revolver kanye nezinhlamvu. “ Kwesinye isigameko ebesiseGreytown, silunywe indlebe ukuthi kunomsolwa oneminyake ewu-34, obekukholakala ukuthi uphethe izibhamu esingekho emthethweni, sabe segasela khona endaweni yokuphuzela somthola nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. “ Nakwesinye isigameko ebiseMsinga besizulazula sabe sesiya endaweni okuthiwa ku- Emalomeni , safika samisa imoto ebinabagibeli abawu-4 okuthe uma siyisesha , sathola umsolwa oneminyaka ewu-27, ephethe isibhamu kanye nezinhlamvu sabe sesimbopha. Bonke laba basolwa ababoshiwe bazovela ezinkantolo zomantshi baseNquthu, Msinga kanye naseGreytown,” kusho yena. Uqhube wathi uKhomishana wesiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Francis Slambert, uthe esitatimendeni izigebengu azinamhlaba kulesifunda ube esencome wonke amaphoyisa abe yingxenye yalomkhankaso othele izithelo ezinhle.