NGUMFULA omukise owesifazane. Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni , senyukele kubantu abathathu isibalo Sabantu abandlule emhlabeni ngenxa yezikhukhula zakamuva nje ngempelasonto.
Kubikwa ukuthi esigamekweni sakamuva nje abezokutakula batakule isidumbu somuntu wesifazane oneminyaka engu-21, endaweni i-Lower Molweni, eThekwini, ngemelasonto.
Uthe esitatimendeni, isidumbu sikalona wesifazane sitakulwe izolo emva kokuba emukiswe zikhukhula zangeSonto ebusuku.
UMfu Buthelezi ube esendlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe zihlobo zayo ngenxa yezimvula ezinamandla, ezihambisana nokuduma nezikhukhula.
Uthe esitatimendeni ,selokhu ziqalile lezimvula ezinamandla ngoLwesine sezindlule emhlabeni nemiphefumulo yabantu abathathu.
Uphethe ngokuxwayisa izakhamizi ukuba zihlale ziqaphile ngoba lezi zimvula ezinamandla ziqhubeka ngokukhahlameza isiFundazwe saKwaZulu-Natal.