NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
KUPHAZAMISEKE ukufunda nokufundisa eziFundeni ezine KwaZulu-Natal , ngenxa yombhikisho wezakhamizi.
Kubikwa ukuthi izakhamizi zeziFunda uMgungundlovu, uThukela, King Cetshwayo kanye nePinetown , zivale imigwaqo njengoba bekunemibhikisho yezimfuno ezithile.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni, ukuvalwa kwemigwaqo uma kunezimfuno akufuneki ngoba lokhu kuphazamisa isiko lokufunda nokufundisa , okungazange kuqhubeke ngenxa yemigwaqo ebivaliwe.
“Imigwaqo emikhulu engenela kulezi zikole okuyi Cebolesizwe, Ebenguni kanye ne Eyethu, ibivaliwe okwenza abafundi bangakhona ukufinyelela ezikoleni,” kusho uMnuz Hlomuka.
Uthe esitatimendeni, singumnyango siyasigxeka lesi senzo zokuvimbela abafundi ilungelo labo lokufunda ,njengoba imfundo ibalulekile kanti nomthethosisekelo uyakubeka ukuthi abafundi banalo ilungelo lokufunda.
“ Siyavumelana nokuthi izakhamizi uma zinezimfuno noma izikhalazo ziziveze kodwa azikwenze lokho ngendlela eqondile futhi enokuthula, hhayi ukuvala imigwaqo ngamatshe nangamathayi avuthayo kanye nokunye.
“Ukuvala imigwaqo uma kunezimfuno akwamukelekile , akusetshenziswe imigudu efanele ukuze abantu baveze izikhalazo zabo,” kulanda uMnuz Hlomuka esitatimendeni.
Uqhube wathi imfundo yezingane iyona ebalulekile kunakho konke futhi kumele sikuqikelele ukuthi izikole ziphephile nabo futhi bayaphepha uma beya ezikoleni.
Uphethe ngokuthi umnyango usebenzisana nezinhlaka eziningi okubalwa kuzo abezokuphepha, abaholi bomphakathi nabanye ukuze kuqikelelwe ukuthi isiko lokufunda nokufundisa kubuyela esimweni esijwayelekile , kungalahleki isikhathi sabafundi.