KWESOBUNXELE nguRussel Zulu (uSihlalo (Convenor) Amajuba Regional Detachment), Busi Kubheka (Fundraiser), Nombulelo Zwane (Women Fundraiser), Sishosonke Mbatha (Deputy Fundraiser), Brenda Khoza (Women’s League Coordinator) Nonhlanhla Mthombeni (Deputy Coordinator),Ngemuva: Commissioner Makhabishi, Sibusiso Ngobese (Organiser) kanye no Commissioner Mbuli. Kwezinye abebandla Lamaluthela, uMfu Mduduzi Mkhize kanye nabeThempeli i-Nkulisa LikaNyaziwezulu. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE
UBUHOLI obuphezulu beqembu ebeligubha unyaka lasungulwa ngonyaka ophelile eliholwa ngowabe enguMengameli wezwe uMnuz Jacob Gedleyihlekisa Zuma, uMkhonto WeSizwe Party (MKP), belivakashele amabhandla ahlukene esiFundeni Amajuba ngempelasonto.
Lobu buholi obuphezulu basesiFundeni Amajuba obusanda kuqokwa ngasekupheleni kwenyanga ephelile buvakashele iThempeli i-Nkulisa eliholwa nguMduduzi Shembe owaziwa kakhulu ngelikaNyazilwezulu, Osizweni, e-Newcastle ngoMgqibelo esiphuma kuwo kwathi ngeSonto leli baphinde bavakashela ibandla lamaLuthela khona Osizweni ngenhloso yokuyocela izibusiso nomkhuleko wokuthi babahole kahle abantu abaqokelwe ukuthi babahole.
USihlalo weqembu i-MK eMajuba uMnuz Russel Zulu uthe:” Ukuhambela kwethu ibandla i-Nkulisa kusikhumbuza kabanzi ukuthi ngaphambi kokuba uMengameli waleli gembu i-MK uMnuz Zuma alisungule waqla wahlangana neNkosi uNyazilwezulu.”
Uphinde wakuveza ukuthi behlangene uMnuz Zuma neNkosi uNyazilwezulu:” UNyaziyezulu wabuza uMnuz Zuma ukuthi uzolisungula nini iqembu labantu abamnyama,” kusho uMnuz Zulu, eqhuba ethi nangesikhathi eselisungulile leli qembu i-MK uMnuz Zuma waphinde waba nomhlangano nalo uNyazilwezulu.
“ Besihambele lamabandla ngenhloso yokuthola umkhuleko nezibusiso zokuthi sikwazi ukuhola abantu ngobuqotho nangeqiniso, siphinde silandele ezinyathelweni zikaMengameli weqembu uMnuz Zuma oyigqakambisayo inkolo yabantu njengoba uShembe kuyisonto labantu futhi elasungulwa ngabantu abamnyama.
“ Nina njengoba nilapha ngizonikhulekela nikhonjwe Inkosi ukuba nihole abantu ngeqiniso,” kusho uMfu Mduduzi Mkhize, webandla lamaLuthela ngenkathi ekhulekela lobuholi futhi ebunika nezibusiso.
Uqhube wathi,” Okumele nikwazi ukuthi kumele nibathande bonke abantu abasenhlanganweni futhi nikubheke nokuthi khona abanganithandi, ukuthi nibe kulezikhundla eniqokelwe kuzo.”
“Qinisekisani ukuthi anilahlekelwa ngumoya wothando, njengoba niqale kanje ngokuya emosontweni niyocela izibusiso nizobahola kahle abantu ngoba niqale ngokutusa nokwazisa uMvelinqangi.
“Ningalindeli ukuthandwa ngabantu eniqhamuka kubo futhi nani nibathande abantu ngokulingana hhayi ngokuchemile.
“ Ngichazwa ukuthi inhlangano yenu ayigcinanga ngokuhambisela izaguga itiye emiholweni nakwezinye izindawo mhla nanikhankasela ukhetho kodwa nisaqhubeka namanje emva kokhetho olwalungo mhlaka 29 May 2023,” kulanda uMfu Mkhize.
“Kubuhlungu ukuthi ungathandwa uqala ngisho ukungena ebuholini kodwa kulindeleni lokho kuyenzeka,” esho.
Uthe:”Kumele nikukhuleke nithi lokhu nkosi ongibeke kukho ukuthi ngihole umphakathi ngilekelele ukuba ngikwenze futhi ngihole kahle nangobuqotho.
UMnuz Zulu ubonge kakhulu kubafundisi ababanike izibusiso futhi wathi uzobagqugquzela ozokwabo ukuthi bazibophezele ekutheni bahola ngobuqotho naye uqobo.


